UDuduzane ufuna intsha ingene ezikhundleni 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UDuduzane Zuma usekhwele wadilika  entsheni ye-ANC ngokunxusa uyise uMnu Jacob Zuma noNkosazana Dlamini-Zuma ukuthi bangenele izikhundla zobuholi.

“Abantu abasha abakulungele ukuhola iqembu yingakho besabeke amathemba abo kubantu abadala,” usho kanje ngesikhathi ekhuluma eThekwini ngoLwesithathu kusihlwa.

“Kuyaphoxa ukuthi abantu abasha njengophiko lwentsha le-ANC, i-Sasco kanye nezinye izinhlangano zentsha zikhankasela abantu abafana nobaba uJacob Zuma, uNkosazana Dlamini-Zuma, uZweli Mkhize nabanye abadala ukuthi bangenele izikhundla zobuholi kwi-ANC.”

Intsha eningi kwi-ANC iyingxenye yemikhankaso eminingi ethi uZuma akaphinde angenele isikhundla sokuba uMengameli.

Sebesungule neqembu laku-WhatsApp elithi-“Jacob Zuma for President.” Lithole umfutho ngabahlanganyeli abangaphezu kuka-500.

Abanye baseka uDlamini-Zuma, uMkhize, iPhini likaMengameli uMnu David Mabuza, uMengameli uCyril Ramaphosa kanye noLindiwe Sisulu embangweni wesikhundla sobuMengameli.

UDuduzane uthe ingqungquthela ye-ANC ka-55 yokukhetha ubuholi inikeza intsha ithuba lokuthi yesekane ukuze ingene ezikhundleni zokuhola i-ANC.

“Laba baholi bake baba bancane futhi bathatha izintambo ngo-1994. Kungani intsha ekhona ingalithathi leli thuba lokuhola esikhundleni sokweseka abantu abadala?” ebuza.

“I-ANC ibhekene nenselelo enkulu yokuphelelwa amandla. Uma intsha ingazethembi ukuthi izoyisindisa akekho ozokwenza lokho.”

Uthe ukholwa ukuthi izinselelo ezikhona zidinga abantu abasha ukuze bakhulise umnotho emikhakheni eminingi ikakhulukazi kwezobuchwepheshe.

UDuduzane usekubeke kwacaca ukuthi ulibangise e-Nasrec ukuyongenela isikhundla sikaMengameli we-ANC.

Uthe esifundeni iTheku kukhona abamvimbile ekutheni athole ithuba lokuba unobhala wegatsha kodwa naye ukholwa ukuthi kube ukulahlekelwa kwabo ukungamqoki.

Esithombeni esingenhla: UDuduzane Zuma

Umthombo wesithombe: @TimesLive

Izihloko zakamuva