UDricus Du Plessis ungumpetha omusha we-UFC Middleweight

UDricus Du Plessis uqophe umlando wokuba ngowokuqala waseNingizimu Afrika ukunqoba kwi-World UFC Championship.

UDu Plessis wehlule uSean Strickland emcimbini omkhulu obushubile e-UFC 297 e-Scotiabank Arena e-Ontario, e-Canada, ngeSonto.

“UStilknocks” uwine ngesinqumo esihlukene, ngamakhadi amabili amaphuzu (angua-48–47) avuna yena. Ukuqina kwakhe kubonakale ngokwanele ehlula uStrickland, obenza umsebenzi oncomekayo kodwa wehluleka ukuvimbela uDu Plessis ukuthi aqhubeke nokuya phambili.

Nokho, umpetha womhlaba omusha we-middleweight usayihlonipha kakhulu imbangi yakhe. 

“Uyindoda emadodeni, ngiyabonga ngokuveza okuhle ngami,” uDu Plessis etshela uStrickland.

UStrickland ubonakale enokuthuka engena emzuliswaneni wokugcina, kwathi uDu Plessis nakuba ebenenkinga yokuphelelwa umoya, ubesilungele isicoco somhlaba.

Impi iphele bobabili abebeqhudelana bevithikile – kodwa amakhadi amajaji avune uDu Plessis waba ngumpetha womhlaba omusha we-middleweight.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: Umpetha omusha we-UFC middleweight, uDricus Du Plessis waseNingizimu Afrika.

Umthombo Wesithombe: X

Izihloko zakamuva