UDravid uyashiya esikhundleni sokuba ngumqeqeshi wase-India

Lubhalwe nguRazeen Gutta

URahul Dravid uzosula njengomqeqeshi we-India uma inkontileka yakhe iphela kule nyanga kulandela ukuphothulwa kweNdebe Yomhlaba Yekhilikithi ye-ICC T20. 

Ngemuva kweminyaka emithathu ephethe izintambo, lowo owayengukaputeni we-India uthe ngeke asifake isicelo sokuba ngumqeqeshi uma kuphela ihlandla lakhe ekupheleni kukaNhlangulana. 

I-Board of Control for Cricket in India ikhangise umsebenzi, kanti uGautam Gambhir kunamahlebezi okuthi ungomunye wabayintandokazi ukuthola le ndima. 

UDravid (51), utshele abezindaba ngaphambi komdlalo we-India wokuvula iNdebe yoMhlaba e-New York ukuthi usithokozele isikhathi sakhe sokuphatha iqembu lesizwe. 

“Ngiyakuthanda ukwenza umsebenzi. Ngikujabulele kakhulu ukuqeqesha i-India futhi ngicabanga ukuthi kuwumsebenzi okhethekile ngempela. Ngikujabulele ukusebenza naleli qembu, futhi kumnandi ukusebenzisana naleli qembu labafana,” esho.

Ngemuva kokuthatha izintambo kuRavi Shastri ngemuva kohlelo lwango-2021 lweNdebe Yomhlaba wonke ye-T20, uDravid ubematasa kakhulu, okuyisizathu esikhulu sesinqumo sakhe sokungafaki isicelo. 

“Leli ihlandla lami lokugcina ngiphethe. Ngeshwa, uhlobo lwamashejuli ami nesigaba engikuso empilweni yami, angicabangi ukuthi ngizokwazi ukufaka isicelo kabusha.”

UDravid uthathe ithuba lokuhlaziya ukusebenza kweqembu emiqhudelwaneni emikhulu. Ubona sengathi benze kahle yize bengawinanga lutho okufana nesicoco. 

“Uma ngikhuluma iqiniso, ngicabanga ukuthi empeleni sidlale kahle kakhulu kule miqhudelwano,” usho kanje. 

“I-World Test Championship ihluke kancane ngoba akuwona umqhudelwano owodwa kodwa umjikelezo ophelele, kodwa ukudlala kahle kakhulu emjikelezweni sikwazile ukuphinde sifinyelele kowamanqamu.

“ENdebeni yoMhlaba yama-over angu-50, sizimisele ngendlela efanele saze sayongena kowamanqamu. Ngicabanga ukuthi besibalwa namaqembu ahamba phambili.”

URohit Sharma, uVirat Kohli kanye neqembu bazothemba ukuvalelisa umqeqeshi wabo ngokunqoba okukhulu njengoba bezimisele ngokuwina emcimbini we-T20 okokuqala ngqa selokhu bagcina ngo-2007. 

I-India izobhekana ne-Ireland e-New York ngoLwesithathu. 

Esithombeni ngenhla: URahul Dravid.

Umthombo wesithombe: @mufaddal_vohra

Izihloko zakamuva