UDrake uzohambela umcimbi ka-Uncle Waffles

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Umrepha wase-Canada, umculi nomlingisi uDrake umemezele ukuthi uzohambela umcimbi ezayo kaDJ Uncle Waffles e-Toronto, e-Canada, ngomhlaka-1 kuNcwaba.

U-Uncle Waffles usanda kujabulisa abalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi eveza izinhlelo zakhe ezisematheni e-Canada nesithombe sakhe egqoke njengoDrake.

Lesi simemezelo sisabalale ngokushesha futhi sadonsa ukunakwa uDrake. Ophendulile uthe: “Ngizobe ngikhona.”

Umculi wase-Canada onomlando wokweseka u-Uncle Waffles.

Waqala ukukhuluma ngaye kuma-stories akhe ngo-2022 ngemuva kokumbona kuvidiyo eyasabalala edansela ingoma kaYoung Stunna kanye nekaKabza De Small ethi “Adiwele.”

Eminyakeni embalwa edlule, usize ekukhuliseni udumo lwakhe ngokwabelana ngevidiyo yakhe futhi emncoma ezinkundleni zokuxhumana.

“Kukhona loDJ ofikile njengamanje, igama lakhe u-Uncle Waffles futhi uyayishaya into yakhe,” kusho uDrake.

Ngo-2023 uWaffles waba umculi wokuqala wamapiano ukucula e-US Coachella Valley Music and Arts Festival e-California.

Isithombe esingenhla: U-Uncle Waffles noDrake.

Umthombo: Instagram

Izihloko zakamuva