UDrake uhoxise ukuqokwa kabili kuma-Grammy kulandela amacala abekwe wona mayelana nekhonsathi kaTravis Scott

Sizwe Sibiya

UDrake owine izindondo amahlandla amane usehoxise ukuqokwa kwakhe kabili kuma-Grammy ohlelweni lwezindondo lwalo nyaka.

Lesi sinqumo sithathwe yilo mculi we-hip-hop ngemuva kokuba ahlaselwe ngamacala amaningi kulandela izehlakalo ezibuhlungu ezidlule nemiphefumulo yabalandeli abayishumi kwikhonsathi kaTravis Scott yaminyaka yonke e-Texas.

UDrake, oqokwe ku-Best Rap Album nge-albhamu yakhe yokugcina ethi-Certified Lover Boy naku-Best Rap Performance ngengoma ethi-“Way 2 Sexy”, ucele i-Recording Academy ukuthi ihoxise ukuqokwa kwakhe, ngokusho kwemithombo ye-AFP.

I-Recording Academy, ezosingatha ama-Grammy Awards ama-64 mhla zingama-31 kuMasingana ngonyaka ozayo, kubikwa ukuthi ihloniphe izifiso zomrepha wase-Canada futhi yakuvuma ukuhoxa.

Khonamanjalo, kufakwe amakhulukhulu amacala abhekene noTravis Scott kanye noDrake ngeqhaza labo lokuhlela lo mgubho. Laba baculi abilili kuthiwa bakushaya indiva ukuthatha izinyathelo zokuphepha ukuze bavikele abalandeli babo.

Laba bobabili kubikwa ukuthi bazobhekana nabamangali abayizi-1,250, emacaleni acishe abe ngama-300 ahlangene avela kubammeli abahlukene abammele izisulu noma abamangali, ngokusho kwezindaba zendawo zaseMelika.

Umthombo wesithombe: @Drake

Izihloko zakamuva