UDr Tumi nonkosikazi wakhe badedelwe ngebheyili

Dylan Bettencourt

Umculi wezokholo uDr Tumi nonkosikazi wakhe uKgaogelo Makweya badedelwe ngebheyili ngemuva kokuthi lezi zithandani zizinikele emaphoyiseni ngesonto eledlule ngezinsolo zokukhwabanisa i-National Lottery Board.

Okhulumela oKlebe, UKaputeni uNdivhuwo Mulamu ukuqinisekisile ukuboshwa kwalezi zithandani esitatimendeni sabezindaba.

UMulamu uthe lezi zithandani zibalwe njengamalungu ekomidi lenhlangano engenzi nzuzo lapho kusolakala khona ukuthi ukukhwabanisa kwenzeke ngesikhathi lezi zithandani kubikwa ukuthi zazimelela kabi amaphepha ezicelo zesibonelelo ngowezi-2018 maqondana nokuvunyelwa kwezimali ebhodini.

Isitatimende sithi uphenyo luveza ukuthi lezi zithandani kanye nabasolwa ababili, uChristopher Tshivule noThomas Ndadza basolwa ngokuthi bashintshe imininingwane yemibhalo eyathunyelwa ku-National Lottery ngoMandulo ngowezi-2018.

Abasolwa kanye nabo, uChristopher Tshivule noThomas Ndadza badedelwe ngebheyili yemali eziyi-R5,000 umuntu emunye.

“Imali engaphezu kwesigidi esiyi-R1.5 yadluliselwa kwi-akhawunti yasebhange ezimele,” kusho isitatimende.

UMulamu uthe lezi zithandani kusolwa ukuthi zathola imali elinganiselwa kweyizi-R760,000 kuya kusigidi esiyi-R1.5.

“Lo mbhangqwana wazinikela entathakusa ngoLwesibili, mhla ziyisithupha kuNdasa, wavela enkantolo e-Palm Ridge Specialised Commercial Crimes Court, wanikezwa ibheyili yemali eyizi-R3,000 umuntu emunye,” kusho uMulamu.

Umthombo wesithombe: @ News24

Izihloko zakamuva