Lubhalwe nguRorisang Modiba
Abalandeli abasandakubona umculi we-Afro-soul uDonald Moatshe esebenza egalaji likaphethiloli bayazibuza ukuthi ngabe usewuyekile yini umsebenzi wakhe womculo.
Abanye bathe mhlawumbe usezama ukushintsha umsebenzi, kodwa uDonald uchaze ngokushesha isimo ku-Instagram.
Lo mculi uthe uthathe isinqumo sokuyosebenza egalaji likaphethiloli usuku lonke ukuze akhombise ukuziqhenya ngabantu abasebenza kanzima egalaji.
Uveze ukuthi wahlangana nowesilisa uSam e-Engen Garage ku-Empire Road, owavuma ukuba azame lo msebenzi.
UDonald uthe uyabonga kuSam, embiza ngeqhawe elisebenzela umndeni walo ngokuzikhandla.
“Sixoxe isikhashana ngase ngifikelwa umcabango: kungaba kanjani ukuthi ngibe sezicathulweni zakhe ngisebenze egalaji likaphethiloli usuku olulodwa? Ngambuza wavuma ngaphandle kokungabaza.
“U-@CasswellP uqhamuke ne-V-Class Merc yakhe, kwadingeka aqale emsebenzini. Ngiyaziqhenya kakhulu ngoSam ngokuba yiqhawe elisebenzela umndeni walo ngokuzikhandla,” kubhala uDonald ku-Instagram.
Omunye ku-X uchaze ukuthi konke kuyingxenye yevidiyo yomculo.
“Kulabo abadidekile, nansi ividiyo yomculo,” kuphawula omunye ku-X, abelana ngamazwibela evidiyo yakamuva kaDonald.
Osesithombeni esingenhla: UDonald Moatshe.
Umthombo: Instagram