UDonald Trump unqobe ukhetho lwaseMelika

UTrump uphinde waqokwa eneminyaka engu-78, wahlula uKamala Harris obehlose ukuba nguMengameli wokuqala wesifazane.

Ukunqoba kwakhe kuphakamisa imibuzo nge-AGOA, isivumelwano sokuhwebelana esibalulekile emnothweni waseNingizimu Afrika uTrump angase asiqede.

UDonald Trump uqinisekiswe njengoMengameli olandelayo waseMelika ngoLwesithathu ekuseni ngemuva kokufinyelela kumavoti okhetho angu-270 adingekayo.

UTrump (78) uzobuyela e-White House ngemuva kokusebenza njengoMengameli kusuka ngo-2017 kuya ku-2021.

Wahlulwa okhethweni uJoe Biden, okhethe ukungalingeneli ukhetho kulokhu wavumela iPhini likaMengameli, uKamala Harris ukuthi athathe indawo yakhe.

UHarris ubehlose ukuqopha umlando njengoMengameli wesifazane wokuqala kodwa wahlulwa uTrump.

“Umsebenzi ophambi kwethu ngeke ube lula, kodwa ngizoletha wonke amandla, umoya kanye nokulwa enginakho emphefumulweni wami emsebenzini engiphathiswe wona,” kusho uTrump ngesikhathi ethula inkulumo ngaphambi kokuthi kuqinisekiswe ukunqoba kwakhe.

“Ngizobusa ngemibandela elula: izithembiso ezenziwe, izithembiso ezifeziwe. Sizogcina izethembiso zethu. Akukho okuzongivimba ukuthi ngigcine izwi lami.”

Lolu khetho lwaseMelika lubalulekile eNingizimu Afrika ngenxa ye-African Growth and Opportunity Act (i-AGOA), okuyisivumelwano sokuhwebelana esivumela amazwe ase-Afrika ukuthi athumele izimpahla e-US ngaphandle kwentela eyengeziwe.

INingizimu Afrika, okuyiyona esebenzisa kakhulu lesi sivumelwano, isikwazile ukudayisela i-US imikhiqizo engaphezu kuka-1,800 ngezindleko eziphansi nokusiza umnotho wakuleli ukhule. Kepha manje njengoba uTrump esenguMengameli, lesi sivumelwano sesiqubule imibuzo.

Abaphathi abebesebenzisana noBiden basalelwe yizinyanga ezimbili ukubuyekeza ukuthi yimaphi amazwe ase-Afrika afanelekela i-AGOA, kodwa uTrump angasiqeda ngokuphelele isivumelwano.

Uma i-AGOA ihoxiswa, iNingizimu Afrika ingase ilahlekelwe izinzuzo zayo zokuhwebelana ne-US uma kuphela isikhathi ngo-2025.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Esithombeni esingenhla: UDonald Trump.

Umthombo: UDonald Trump/X

Izihloko zakamuva