UDonald Trump akehlise umoya!

Ngonyaka odlule indoda enamandla kakhulu emhlabeni, UDonald Trump, ubhale i-tweet ngokucasuka ebhalela uGreta Thunberg, isishoshovu sesimo sezulu.

“Awume kancane Greta, yehlisa umoya!” kubhala uTrump ku-Twitter. “Uphinde wabhala futhi ku-Twitter wathi, “umbhedo lo” ukuthi uGreta ube ngumuntu oqave kakhulu onyakeni wezi-2020 wephephabhuku i-Times.

UThunberg akathule kodwa naye uyazilwela, njengoba uTrump eshaqise umhlaba ngokuzama ukuduna imiphumela yokhetho nokumisa ukubalwa kwamavoti.

“UDonald kumele alungise inkinga yakhe yokuba nentukuthelo ebese eyobukela ibhayisikobho endala nomngani wakhe! Awume kancane weDonald!”

UGreta uphinde wathi “lokhu kuyahlekisa kakhulu” ebhala ku-Twitter, ephendula uTrump obefuna “ukumisa ukubalwa kwamavoti.”