UDon Jazzy ungomunye wabantu abacebe kakhulu e-Afrika ngokusho kwe-Forbes

UDon Jazzy onguphrojusa, aphinde abe ngumculi kanye nombhali wezingoma wase-Nigeria uqokwe yiphephabhuku i-Forbes njengomuntu ocebe kakhulu e-Afrika kwimboni yezikaqedisizungu.

UJazzy, ogama lakhe langempela nguMichael Ajereh, udabuka e-Delta State, kodwa wakhulela e-Lagos ngaphambi kokuthuthela e-United Kingdom.

Unemali elinganiselwa ku- $ 65 million ngokusho kwaleli phephabhuku.

UDon Jazzy ubephethe inkampani yokuqopha ebizwa nge-Mo’Hits Records, kanye nomunye umculi uD’Banj. Umsebenzi wakhe waqala ngowe-2000 ngesikhathi edlala isigubhu esontweni lendawo e-London.

Ngokuhamba kwesikhathi ubesekhiqiza ama-Afrobeats e-Nigeria.

Lo phrojusa usesebenze engomeni kaKanye West ethi “Lift Off,” okukhona kuyo uJay Z kanye nomkakhe uBeyonce.

Ngowe-2012 ngemuva kokuthi i-Mo’Hits Records yehlulekile, uJazzy waqala eyakhe ilebuli ebizwa nge-Mavin Records. Bekukhona abaculi abafana noRema, uTiwa Savage, uReekado kanye nomfowabo odumile uD’Prince.

Usezuze imiklomelo eminingana evelele ngomsebenzi wakhe wokuqopha amarekhodi kusukela ngowe-2006, kufaka phakathi i-Best Record Producer kuma-Nigerian Music Awards.

Izihloko zakamuva