
Nkhensani Mthombeni
Ngemuva kokuphothula umatikuletsheni uMathapelo Lebese wadonsa kanzima iminyaka ukuthola umsebenzi. Kwakuyisikhathi esinzima kuye, ikakhulukazi njengoba wayezama ukuthola umsebenzi ngaphandle kweziqu.
Ngakho-ke, ngesikhathi ithuba lokuba ngumshayeli wetekisi lifika, walibamba ngezandla zombili futhi akazange abheke emuva. Ngokushesha wazizwa esekhaya ngokushayela itekisi.
NgoMgqibelo, uMathapelo uqokwe njengoMshayeli Wesifazane Ohamba Phambili e-Limpopo kanti uhambe nomklomelo wemali engu-R10 000, indondo kanye ne-voucher yegilosa ka-R2,500.
Umncintiswano woMshayeli Wonyaka wase-Limpopo ubusingathwe uMnyango wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi. UMathapelo uqokwe yiNhlangano yaMatekisi i-Mogalakwena ukuthi abamele kulo mqhudelwano.
Isifunda ngasinye esifundazweni sikhethe abashayeli besifazane ababili ukuthi bangenele lo mqhudelwano. Bonke benze uchungechunge lwezifundo zokushayela.
Bahlulelwe ngezivivinyo ezibhaliwe, izivivinyo emgwaqeni ngisho nezivivinyo zokushayela amaloli.
Umama osemncane uthe ekuqaleni ubengaziboni engumshayeli wetekisi – kodwa manje akasaziboni engenye into.
Unamaphupho amakhulu ngalo mkhakha futhi ufuna ukuba namatekisi akhe ukuze akwazi ukuqasha abanye abashayeli besifazane.
“Abashayeli besifazane basabukelwa phansi wumphakathi wonkana, asiphathwa ngendlela efanayo nabesilisa, bekhohlwe ukuthi izikhathi zishintshile kumele abantu bakwamukele bafunde ukuthi abesifazane nabo bangabashayeli abasezingeni eliphezulu,” esho.
Weluleke abesifazane ukuthi bangalokothi bavumele iminyaka, ubulili noma isimo abaphuma kuso ukuthi kume endleleni yabo futhi bangalokothi bayeke ukuzama ukufeza amaphupho abo.