Udle umhlanganiso umsubathi wase-Free State kowe-Skyrun

Lubhalwe nguThathe Msimango

USimon Tshabalala (42) uvikele isicoco sakhe sokugijima se-Skyrun futhi wakhombisa abaningi ukuthi empilweni iminyaka ayisho lutho uma uzimisele ukushintsha impilo yakho.

Ngemuva kokuba umgijimi  isikhathi eside, uTshabalala uwushintshile umzila futhi kubonakala sengathi isinqumo asithathile sihle kakhulu.

Umsubathi odabuka e-Free State ukwazile ukuvikela isicoco sakhe se-Skyrun abeqala ukusiwina ngonyaka owedlule ngokugijima amakhilomitha angu-100. Lo mjaho ubungeminye yemijaho ebinzima kakhulu eNyakatho ne-Afrika.

“Angikaze ngikucabange ukuthi ngingazakhela igama ngokushesha kanje endimeni yokugijima. Angeke ngisakuyeka ukugijima,” kusho uTshabalala, ogijima eqenjini labasubathi i-Run Zone Athletic Club.

“Ngesikhathi ngiqala ukugijima ezintabeni ngazitshela ukuthi kufanele ngizimisele. Kuyangijabulisa ukuthi sengiwuwine kabili umjaho we-Skyrun.”

UTshabalala ugijime kabili kwi-Comrades Marathon, waqeda ngesikhathi esingu-6:48:25 ngo-2018. Uqeqeshwa ingqalabutho endimeni yokugijima uLucky Miya.

“Ngicabanga ukuthi ukuqeqeshwa kanye nokwelulekwa uLucky kuyisibusiso. Unolwazi oluningi kule ndima futhi ukungelusa kwakhe kuyangisiza kakhulu,” kusho uTshabalala ophinde wawina umjaho we-Skyrun wamakhilomitha angu-65 ngo-2020. 

“Siyazwana ngakho-ke kulula ukulandela imiyalelo. Ngimvulela isifuba ngayo yonke into. Angikhumbuli siba nokungaboni ngaso linye.”

Nakuba esalimele, uTshabalala udlale kahle kakhulu okubalwa nokuba endaweni yesibili emjahweni wase-Drakensburg wamakhilomitha angu- 160.

Osesithombeni esingenhla: USimon Tshabalala

Umthombo wesithombe: @K-WaySkyrun

Izihloko zakamuva