Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Umnikazi wendawo yokucima ukoma elokishini laseKapa uqhudelane nabapheki abahamba phambili emqhudelwaneni ohlonishwayo we-Western Cape Provincial Tavern Chef.
Wenze kanjani? Upheke ukudla okuconsisa amathe wahamba nendondo.
UGrace Telane uphume endaweni yokuqala emqhudelwaneni obusekuqaleni kukaNhlolanja e-Nederburg Wine Estate e-Paarl wahamba nomklomelo wemali engu-R30 000.
Ekuqaleni uTelane ongumnikazi we-Tshawe’s Tavern e-Khayelitsha, eKapa ubemanqikanqika ukungenela lo mncintiswano. Ubengabaza ikhono lakhe lokuwina uma esebhekene nabanye abebeqhudelana naye abebegqoke imifaniswano yabapheki futhi bepheka ukudla okusezingeni eliphezulu.
Kodwa-ke, indodakazi yakhe iye yamkhuthaza ukuthi azinike ithuba futhi enze konke okusemandleni ake futhi ekugcineni isidlo esilula sikaTelane senkukhu eqinile (umleqwa), ujeqe kanye nesipinashi kuhlabe amajaji umxhwele futhi wawina umncintiswano.
“Ngiyazi ukuthi amajaji adla ukudla okusezingeni eliphezulu ngaso sonke isikhathi. Bengifuna banambithe okuhlukile futhi kungisebenzele,” etshela i-Scrolla.Africa.
UTelane uthi ikhono lakhe lokupheka livela kugogo wakhe achitha naye isikhathi esiningi ekhishini.
Ufuna ukusebenzisa imali yomklomelo ukuze alungise ikhishi lethaveni yakhe lapho ephinde adayise khona amagwinya, ufishi kanye nama-chips.
Umncintiswano we-Mzansi Tavern uyingxenye yomkhankaso we-Distell wokuqhakambisa ukudla okuphakelwa abantu ezindaweni zokucima ukoma njengendlela yokubhekana nenkinga yokudakwa utshwala.
UJolene Henn onguMpathi we-Corporate Affairs, e-Distell uchaze ukuthi ukudayisa ukudla ezindaweni zokucima ukoma kungasiza ekuphuzeni kotshwala okusesilinganisweni futhi kudale umoya wokuhlalisana kube kuhlinzekwa ngokuthuthukiswa komnotho emalokishi kanye nokuqashwa kwabantu.
Ukuwina kukaTelane akuyona nje impumelelo yakhe yedwa kodwa kuwukuziqhenya komphakathi wase-Khayelitsha.
“Umklomelo akuwona owami kuphela. Ngowabantu bonke base-Khayelitsha. Ngiyaziqhenya futhi ngiyethemba ukuthi nabo ngibenze baziqhenya ngani,” engeza.
Esithombeni esingenhla: Umnikazi wendawo yokucima ukoma uGrace Telane
Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze