UDlamini-Zuma udelele isinqumo seqembu evota naphikisayo

Lubhalwe nguLungani Zungu

UNkosazana Dlamini-Zuma angase azithole esenkingeni ne-ANC ngemuva kokuvota evumelana nokwamukelwa kombiko we-Phala Phala ePhalamende ngoLwesibili.

UDlamini-Zuma usesola iqembu lakhe ngokubophela ogodweni amalungu eqembu ePhalamende ngaphambi kokuvota ngoLwesibili ngesikhathi kunqatshwa umbiko wethimba lomthetho wesigaba-89.

“Iziphi izinqumo abebelindele ukuthi sizithathe njengoba abanye benganikwanga ithuba lokuveza imibono yabo?” esho kwi-NewzroomAfrica.

I-ANC ibe nomhlangano ngaphambi kokuvota lapho amalungu eqembu ePhalamende atshelwe ukuthi avote ngokuphikisana nalo mbiko.

Kodwa-ke uDlamini-Zuma, uSupra Mahumapelo, uMosebenzi Zwane kanye noMervyn Dirks badelele iqembu bavotela ukuthi lo mbiko wamukelwe.

Bonke beseka owayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma futhi baphumele obala ngokuphikisana noCyril Ramaphosa.

“Ngafunga ngesikhathi ngithatha isihlalo njengelungu lePhalamende ukuthi ngizowuvikela futhi ngiwuhloniphe uMthethosisekelo,” kusho uDlamini-Zuma.

Uthe ukulindele ukuthi iqembu lakhe limhambise phambi kwesigcawu sokuqondiswa kwezigwegwe.

“Ngizochaza ukuthi kungani ngithathe isinqumo sokuvotela ukwamukelwa kombiko,” esho.

USotshwebhu we-ANC uPemmy Majodina, uthe uzobhalela ubuholi bukazwelonke umbiko mayelana namalungu ePhalamende angazange ahambisane neqembu.

“Asikwazi ukuba namalungu ePhalamende aphezulu angasihloniphi isinqumo seqembu. Alikho ilungu le-EFF eliyoke livote liphikise isinqumo seqembu,” esho.

USihlalo we-ANC kuzwelonke uMnu Gwede Mantashe, uthe ubuholi bukazwelonke beqembu buzobhekana nala malungu ePhalamende angamavukela mbuso.

URamaphosa uzobanga isikhundla sobuMengameli nowayenguNgqongqoshe wezeMpilo uZweli Mkhize uma leli qembu selibambe ingqungquthela yokukhetha ubuholi ka-55 ezoqala ngoLwesihlanu kuya kuMsombuluko e-Nasrec.

Isigungu esiphezulu sikazwelonke se-ANC (NEC) okuyisigungu  esithatha izinqumo eqenjini bekulindeleke ukuthi sibe nomhlangano wokugcina ngoLwesithathu ngaphambi kwengqungquthela kodwa wahlehliselwa inamhlanje..

Esithombeni esingenhla: UDkt Nkosazana Dlamini-Zuma

Umthombo wesithombe: eNCA

Izihloko zakamuva