Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
UKhomishana woPhiko lwezokuHlunyeleliswa kweziMilo kaZwelonke, uMakgothi Thobakgale, uhole umkhankaso wokugasela kungazelele muntu eSt Albans Correctional Facility eGqeberha ekuseni ngoMsombuluko.
I-St Albans elinezokuphepha okuseqophelweni okuphezulu futhi lig izigebengu eziyingozi kakhulu e-Eastern Cape.
Ukugasela kwenzeke ngezithuba zabo-04:00 esigcemeni saseMedium B, lapho izikhulu zithole khona omakhalekhukhwini, omabonakude, izinto ezicijile, nemali elinganiselwa ku-R4 000 ebifihlwe emzimbeni weziboshwa.
Esinye isiboshwa besifuhle u-R1,920 endunu.
???UThobakgale uthe lokhu kugasela kubhekiswe eziboshweni ezimbili okukholakala ukuthi zingongqondongqondo ekubanjweni kwemali kwedolobha kanye nezinkinga zodlame lwamaqembu ezigelekeqe.
“Sigxile kubenzi bobubi ababili ngenxa yeqhaza abalibambile emaqenjini,” kusho uThobakgale.
“Okokuqala, baphezulu bayasatshwa. Okwesibili, bakhipha imiyalelo futhi baxhumanise imisebenzi efana nokushushumbisa izidakamizwa, okuhlanganisa nomakhalekhukhwini, ngaphakathi.”
Uchaze ukuthi ubugebengu obuningi ezindaweni ezisenyakatho yeGqeberha buhlelwa ngaphakathi ejele kodwa benziwa abantu ngaphandle, kwesinye isikhathi ngosizo lonogada basejele.
“Kumele sihlakaze izigelekeqe ezingaphakathi emajele ngesikhathi sisebenzisana namaphoyisa e-SAPS ukudiliza abangaphandle. Lokhu kugasela kubalulekile ukuze kuphazamiseke ukusebenza kwala maqembu ezigebengu okubalwa nabasebenzi basejele abayingxenye yamaqembu ezigebengu,” kusho uThobakgale.
UKhomishana uphinde waveza ukuthi akakwazanga ukukhuluma nabasebenzi basejele njengoba bekuhlelile ngenxa yokuthi onogada abangu-15 bafika sekudlule ihora emsebenzini.
“Lonke uhlelo luphazanyiswa abantu abanganaki. Bekumele engabe babekwe amacala,” usho kanje.
Esithombeni esingenhla: Iziboshwa zishaye ujenga ngaphandle kwesitokisi sazo ngesikhathi kunomkhankso eSt Albans Correctional Facility eGqeberha ngoMsombuluko.
Umthombo: Sithunyelwe