Lungani Zungu
Umndeni womfana oneminyaka eyi-19 ubudala, ogwazwe wabulawa ngocelemba, uzama ukuqonda mayelana nokubulawa kwakhe okubuhlungu.
“Ushone ngendlela enyantisa igazi. Izinhliziyo zethu ziyopha njengoba sizama ukuqonda ukuthi kungani ebulawe kanjena,” kusho umalume kaMcebisi Rawulana, uThulani Rawulana.
UMcebisi kuthiwa ubulawe ngenxa yodlame lwamaqembu ezigebengu Osizweni, e-Newcastle.
UThulani uthe ubelele ngesikhathi omakhelwane bakhe bemvusa ngeSonto bemtshela ukuthi umshana wakhe ubulewe.
Uphuthume endaweni yesigameko.
“Ubelele echibini legazi. Ngabona ukuthi akasekho,” kusho uThulani.
Utshelwe ukuthi umshana wakhe ubekade eyilungu leqembu lezigelekeqe.
“Angimvikeli, kodwa angikaze ngimubone ukuthi ubeyingxenye yeqembu lezigelekeqe.”
Uthe uMcebisi ubengumdlali webhola okhuthele.
Abangani bakaMcebisi baphunyuke bengenamyocu, kodwa yena waba nebhadi.
Ithimba lamaphoyisa liphendule ngokushesha endaweni yesigameko ngemuva kokuba uMcebisi egwaziwe, abopha abantu abayisikhombisa abaneminyaka ephakathi kweyi-17 nama-22 endlini eseduzane nale ndawo.
Babekwe amacala okubulala, ukushaya ngenhloso yokulimaza, ukutholakala nezikhali eziyingozi, ukutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Okhulumela amaphoyisa, uBrigadier Jay Naicker, uthe amaphoyisa alindele ukubopha abaningi.
UKhomishana wesiFundazwe saKwaZulu-Natali, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, uthe le ndawo ibikhungethwe wudlame olwenziwa ngamaqembu ezigebengu ahlomile.
“Ukuboshwa kwamukelekile, futhi sethemba ukuthi lokhu kuzoqeda udlame.”