Udlame esitelekeni sasoKhukho

Celani Sikhakhane

Abavukuzi abatelekile base-Zululand Anthracite Colliery (ZAC) oKhukho sebeqale udlame njengoba becekele phansi impahla yemayini bashisa nemoto yenkampani ngoLwesithathu.

Omunye wabasebenzi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bacasulwe ngabaphathi, ababatshele ukuthi kumele basayine izincwadi zokuxolisa ezifakwe kubaholi bendabuko bendawo.

Kuthiwa ingxenye yalezi zincwadi ifuna abasebenzi baxolise futhi bavume ukuthi banecala lokucekela phansi impahla yemayini kusukela kuqale isiteleka esingekho emthethweni ngoMbasa.

Abasebenzi nabo bathukuthele bayaveva ngoNgqongqoshe wezokuMbiwa phansi naMandla uGwede Mantashe, abakholwa ukuthi ubakhaphele ngemuva komhlangano wakhe wangoMgqibelo nabaphathi be-ZAC.

Ufike lapha sengathi uvakashele ukuzozwelana nathi kodwa bheka okwenzakalayo. Amaphoyisa agcwele yonke indawo alwa nathi futhi izimfuno zethu azikafezwa,” kusho omunye wabasebenzi. ” Sithukuthele futhi kuyacaca ukuthi sizofela lapha ngoba umqashi akazimisele ngokufeza izimfuno zethu.”

Ngesikhathi sokuvakasha uMantashe akazange akhulume nabasebenzi. Kunalokho uthumele iMeya yase-Zululand, uMnu Thulasizwe Buthelezi, ukuthi iyokhuluma nabo.

“Manje abaphathi basitshela ukuthi kumele sisayine lezo zincwadi ekubeni uMantashe ngomlomo kaButhelezi ethe ayikho induna yomdabu okumele ingene ezindabeni zethu. Kodwa abaphathi bathe kumele sibuyele ezinduneni zethu siyosayina izincwadi,” kusho omunye umsebenzi.

Akekho noyedwa kubasebenzi i-Scrolla.Africa esikhulume nabo ofuna ukudalulwa igama kwabezindaba njengoba besaba ukuhlukunyezwa.

Kuze kube manje bahlanu kuphela abasebenzi asebesayine lezi zincwadi enduneni yakubo uNtshebe Shezi wasoKhukho.

UMnu Siphiwe Tema wophiko lwezokuxhumana kwi-ZAC akatholakalanga ukuba aphawule.

Okhulumela amaphoyisa uConstable Thenjiwe Ngcobo uthe icala lokucekela phansi impahla liphenywa ngamaphoyisa aseMahlabathini.

“Kuthiwa izolo ekuseni nanamuhla amalungu omphakathi wasoKhukho aqale umbhikisho ashisa amathayi acekela phansi nemoto yenkampani. Amaphoyisa asiqaphile isimo,” kusho uNgcobo.

Izihloko zakamuva