Udlame esitelekeni sabama-Uber kwahlaselwa nephoyisa

Dylan Bettencourt

Abashayeli bama-Uber nama-Bolt nabanye abashayeli bamatekisi babe nesiteleka ngoLwesibili bezama ukunxenxa uhulumeni kazwelonke ukuthi enze imithetho evikela amalungelo abo mayelana nentengo kaphethiloli.

Kodwa isiteleka sibe nodlame ngesikhathi abashayeli behlasela imoto yamaphoyisa belimaza iphoyisa.

“Siyaxolisa ukunazisa ngesenzo sodlame esenziwe ngabantu abebekulo mbhikisho,” kusho okhulumela abama-Uber nama-Bolt uVhatuka Mbelengwa.

“La bantu bamise imoto yamaphoyisa ebingamakiwe balimaza iphoyisa base bethatha nesibhamu salo.”

UMbelengwa uthe yena kanye nabama-Uber kanye nama-Bolt bazibophezele ekuqinisekiseni ukuthi umbhikisho uhlezi unokuthula.

Uthe abasuse udlame abakakaqinisekiswa njengabasebenzisi bama-Uber nama-Bolt.

“Njengabaholi siye sangenelela, sathola isibhamu sase sinikela abathintekayo kwabomthetho. Sisazoqinisekisa ukuthi la bantu bangabashayeli bama-Uber yini noma amasela asizakala ngombhikisho wethu,” kusho uMbelengwa.

Ukwenyuka kwentengo kaphethiloli sekwenze ukuthi inzuzo eyenziwa ngabashayeli bama-Uber nama-Bolt yehle kakhulu, okuphoqe ukuthi abashayeli banyuse amanani abo okuholela ekwehleni kwesibalo sabantu abagibelayo usuku nosuku.

Inhloko yezokuthutha e-sub-Saharan Africa uKagiso Khaole ukuqinisekisile ukuthi lolu hlelo lunyuse amanani alo ukuze kugcinwe umnotho wabashayeli.

“Inhloso yethu wukuqinisekisa ukuthi inkundla ihlala isesimweni esikahle kwezomnotho kubashayeli. Ngalokhu sinyuse amanani,” esho.

Abakwa-Bolt bakuqinisekisile ukuthi balandele imithetho ngokunyusa imali yokugibela ngo-20% kule nyanga ukuqinisekisa ukuthi abashayeli babo basengayenza inzuzo.

UMnu Melithemba Mnguni ongumgqugquzeli wenhlangano i-Unity in Diversity, emele abashayeli bama-Uber nama-Bolt, uthe impilo yabashayeli isengcupheni.

“Izinselelo ezinjena ziba zimbi nakakhulu ngokuthi asiyenzi inzuzo. Isibonelo, abakwa-Uber badonsa u-25% kuya ku-30% wemali eyenziwa ngabashayeli, kanti lokho kusishiya singenalutho,” esho.

Umthombo wesithombe: @IOL

Izihloko zakamuva