Razeen Gutta
UNovak Djokvic uzimisele ukuyeka ukuba ngumdlali wethenisi ohamba phambili emhlabeni ngokungabambi iqhaza kwi-Ezayo Grand Slams uma ukugoma kuwumbandela.
Lo mdlali ohamba phambili emhlabeni kulindeleke ukuthi abuyele emdlalweni we-Dubai Duty Free Tennis Championships kule nyanga kulandela isigameko sokuxoshwa kwakhe e-Australia.
Engxoxweni ekhethekile abe nayo ne-BBC, uDjokovic wabuzwa ukuthi angadela yini ukudlala emcimbini efana ne-Wimbledon kanye ne-French Open ngenxa yesimo sakhe sokugomela i-Covid-19.
“Yebo, lelo yinani engizimisele ukulikhokha,” ephendula.
Lo mdlali oneminyaka engu-34 ubudala, ophuthelwe i-Australian Open ngenxa yokuthi akagonyiwe, wengeze ngokuthi akayena umuntu ophikisana nomgomo.
“Angikaze ngilwe nokugoma. Ngiyaqonda ukuthi emhlabeni wonke umuntu uzama ukwenza umzamo omkhulu ekulweni naleli gciwane futhi ngethemba ukuthi leli gciwane lizophela maduze,” kuchaza lo msubathi.
“Kodwa bengilokhu ngisekela inkululeko yokukhetha engikufaka emzimbeni wakho.”
UDjokovic uphinde wathi unethemba lokuthi izidingo zokugoma emiqhudelwaneni ethile zizoshintsha ngoba unethemba lokudlala lo mdlalo iminyaka eminingi ezayo.
Nokho, lo mdlali wase-Serbia uthe usekulungele ukushiya ngemuva ithuba lokuba ngumdlali wethenisi omkhulu kunabo bonke.
“Izimiso zokuthatha izinqumo ngomzimba wami zibaluleke ukwedlula noma isiphi isinqumo. Ngizama ukuhambisana nomzimba wami nokwenzeka kuwo,” kusho lo msubathi.
URafael Nadal usanda kuqopha umlando ngokuba ngumdlali wokuqala wethenisi wesilisa ukunqoba izicoco ezingu-21 ze-Grand Slam, okuyirekhodi uDjokovic kudala ayecabanga ukuthi uzofika kulo.
Ubuhlungu bokubona imbangi yakhe iwina i-Australian Open bekucatshangwa ukuthi banele ukuthi uDjokovic athole umgomo kodwa kubonakala sengathi ubambelele esinqumweni sakhe.
Umqondisi womqhudelwano wase-Dubai uSalah Tahlak ukuqinisekisile ukuthi akanandaba nesimo sokugonywa kowase-Serbia.
“Ngicabanga ukuthi kumnandi ukumbona ebuyile. Ngiyazi ukuthi umhlaba wonke ubumelene naye kodwa ungowokuqala emhlabeni futhi uke waba ngumpetha e-Dubai,” kusho uTahlak etshela i-National.
I-Dubai Duty Free Tennis Championships izoqala mhlaka-21 kuNhlolanja futhi njengoba imigomo ye-Covid-19 engeyona impoqo yokuba ubambe iqhaza uDjokovic uzobe efuna ukunqoba lo mncintiswano okwesithupha.
Umthombo wesithombe: @Tennis365