Dylan Bettencourt
UNovak Djokovic uze kulo mdlalo esele ngamasethi amabili ngesikhathi ebhekene noStefanos Tsitsipas bezobanga isicoco se-Roland Garros emdlalweni okhombise ukuzimisela, ukubekezela nokunqoba.
UDjokovic oneminyaka engama-34, ubenentaba enkulu obekumele agibele kuyo ngemuva kokuhlulwa amasethi amabili okuqala ngo-7-6 no 6-2, ngaphambi kokuthi aveze umoya wakhe wokulwa ukuze anqobe amasethi amathathu okugcina, ngo-6-3, 6-2, 6-3 .
UDjokovic oyintandokazi emhlabeni waziwa ngokuzabalaza ukubhekana nobumba, futhi wanqoba i-French Open ngowezi-2016 ebhekene no-Andy Murray. Ukulwela ukuzuza lokhu kunqoba odakeni ngokuqinisekile kuzoba ngesinye sezicoco zakhe ezinhle kunazo zonke emsebenzini wakhe.
Ngalokhu kunqoba, uDjokovic waba yindoda yokuqala ukuwina okungenani emibili kuyo yonke imiqhudelwano emikhulu ye-Grand Slam.
Ngokuhola ngo-2-0 umdlali wase-Greek uTsitsipas ubebukeka esendleleni yokuwina i-Grand Slam yakhe yokuqala, kodwa lo mdlali oneminyaka engama-22 ubudala ngokungangabazeki uzothatha lesi sipiliyoni esemncane kangaka, futhi igama lakhe lizokhunjulwa eminyakeni ezeyo.
Le nsizwa ikhombise inhliziyo ebabazekayo yadlala umdlalo okungangabazeki ukuthi uzongena emlandweni. Wenze into abantu abaningi abangakwazi ukuyenza, futhi lokho kuyinto emphusha phambili uDjokovic ukuthi angabi namikhawulo.
Isihlabani somdlalo wethenisi sase-Serbia siwine isicoco saso se-19th Grand Slam esimbeka kwelinye lamarekhodi okuphumelela kaningi ku-Grand Slam. URoger Federer noRafael Nadal babelana ngerekhodi lezicoco eziningi ze-Grand Slam, beneminyaka engama-20.
Umthombo wesithombe: @RolandGarros