Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umbhali wezemidlalo
UNovak Djokovic unqobe isicoco sakhe sesi-24 se-Grand Slam ngeSonto, eqopha amarekhodi amasha.
Ehlula uDaniil Medvedev ngo-6-3, 7-6 (5), 6-3, lo mdlali ufakazele ukuthi izithiyo ezifana njengokuhlulwa kwakhe emdlalweni we-Wimbledon edlala noCarlos Alcaraz kwakha umoya wokulwa nokuzimisela.
Ngemuva kokuhlulwa okuqondile nguMedvedev kowamanqamu we-US Open ka-2021, lokhu kunqoba impela kumele ngabe kumjabulise kakhulu uDjokovic.
Lokhu kuwina bekungekhona nje ngesicoco. Kusho ukuthi uhleli esicongweni futhi unwebe ukuhlala kwakhe ku-ATP ngamaviki angu-390.
UMedvedev osanda kuwina ehlula u-Alcaraz, ungene kowamanqamu kulindelwe lukhulu kuye. Nokho zisuka nje inhloso kaDjokovic ibicacile.
Ubehola umdlalo ngokuphoqa umdlali wase-Russia ukuthi enze amaphutha.
Nakuba uMedvedev esabise ngokuthi uzobuya ngesethi yesibili, ukukhetha kukaDjokovic okuhlanganisa indlela abedlala ngayo kumgcine esihlalweni somshayeli ehola umdlalo.
Kusethi yokugcina ukubusa kukaDjokovic enkundleni bekubonakala, okukhombisa ukuthi kungani ebe ngumdlali ovelele kuthenisi yabesilisa iminyaka engaphezu kweshumi.
Esenzweni esithinta inhliziyo ngemva komdlalo, uDjokovic ugqoke ihembe elibhalwe ukuthi “Mamba Forever”, ehlonipha umngane wakhe ongasekho ingwazi ye-NBA uKobe Bryant.
Eqeda umdlalo nendodakazi yakhe uTara eceleni kwakhe, uDjokovic ukhumbule konke asekwenzile emsebenzini wakhe.
“Kungani ngisakudinga konke lokhu namanje emva kwakho konke engikwenzile?” Ebuza.
Impendulo kubukeka sengathi, ilele othandweni lwakhe olungaguquki lomdlalo kanye nekhono lakhe elinganciphi enkundleni.
Ishumi leminyaka nesigamu selokhu awina i-Grand Slam yokuqala ngo-2008, uDjokovic akakhombisi zimpawu zokuthi uzokwehlisa ukuzimisela.
Kunalokho ukudlala kwakhe kwakamuva kusikisela ukunqoba okuningi okuzayo. Okwamanje, umhlaba wethenisi ungalindela lukhulu njengoba eqhubeka nokuqopha umlando.
Esithombeni esingenhla: UNovak Djokovic kulandela ukunqoba kwakhe
Umthombo wesithombe: US Open
