UDjokovic ubuyele phezulu ephula ele-Grand Slam  

Lubhalwe nguRazeen Gutta

UNovak Djokovic wehlule uStefanos Tsitsipas kowamanqamu wabesilisa we-Australian Open ukuze enze irekhodi elilingana nelika-Rafael Nadal lesikhathi sonke lezicoco ezingu-22 ze-Grand Slam.

Isethi yokuqala ihambe ngendlela yalo mdlali (35) wase-Serbia njengoba ehlule uTsitsipas ngo 6-3. Kwenye isethi ephele ngokulingana akuzange kubukeke sengathi kuzoba ukuwina ngesikhathi kuqala eyesibili.

Lona obekwe kwinombolo yesithathu emhlabeni ovela e-Greece uthathe isethi yesithathu ngendlela ebingalindelekile okwenza umsebenzi onzima wesikhathi sonke ukuthola isicoco sakhe seshumi e-Melbourne.

Amasethi amabili okugcina agcine ehambe ngendlela kaDjokovic owawine  womabili ngo 7-6 ukuze umcimbi uqale; futhi ngokusho kwembangi yakhe uye waqinisa indawo yakhe njengomdlali ovelele kunabo bonke.

“Ungumdlali ovelele kunabo bonke abake babamba irekhethi yethenisi,” kusho uTsitsipas etshela izintatheli encoma umpetha ngemuva komdlalo.

“Angazi ukuthi ngithini kodwa iyazikhulumela. Konke kusemaphuzwini. Ningenza ngibe ngumdlali ongcono uma ngisenkundleni. Ngike ngaba nenhlanhla yokudlala imidlalo eminingi edumile kodwa lena imidlalo ebengiyisebenzela impilo yami yonke.”

Ekhuluma ngemuva kokuwina u-Djokovic ubize lokhu ngokuwina kwakhe okukhulu kunakho konke, njengoba ekhulume ukuwina ebuya ekulimaleni kodwa wabuye wachitha isikhathi encoma uTsitsipas (24).

“Kufanele ngisho ukuthi angithintile amazwi kaStefanos. Ngiyabonga ngokuba nomusa nenhlonipho. Ngiyakuhalalisela ngomqhudelwano omangalisayo. Lona akuwona umdlalo wakho wokugcina. Unesikhathi esiningi, ngaphezu kwami. Namanje ngisacabanga ukuthi uthandeka kakhulu. Singamazwe amancane angenalo isiko lethenisi,” esho.

“Lona kube ngomunye wemiqhudelwano enzima kakhulu uma kubhekwa izimo. Ukungadlali nyakenye nokubuya kulo nyaka. Ngithanda ukubonga bonke abantu abangenze ngakhululeka. Kunesizathu sokuthi ngidlale ibhola lomphebezo elisezingeni eliphezulu.”

“Iqembu nomndeni kuphela abakwaziyo esidlule kukho. Ngingasho ukuthi lokhu ukuwina okukhulu kakhulu empilweni yami, uma ngibheka izimo.”

Esithombeni esingenhla: UNovak Djokovic

Umthombo wesithombe: @tipsarevicjanko

Izihloko zakamuva