UDJ Zinhle uyaxolisa ngokuphawula akwenze ngentsha

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Kuvidiyo esabalele uDJ Zinhle uveze ukuthi intsha eningi yaseNingizimu Afrika idonsa kanzima ukuthola imisebenzi ngoba ayiqasheki.

UNtombezinhle Mohosana, owaziwa ngelikaDJ Zinhle, unguDJ waseNingizimu Afrika, umdidiyeli, usaziwayo nosomabhizinisi.

Kulesi siqeshana uveze ukuthi intsha ayinawo amakhono adingekayo ukuze isebenzise amathuba emisebenzi akhona.

UDJ Zinhle usexolisile ngokuphawula kwakhe okususe umsindo ngemuva kokusabalala kwenkulumo yakhe.

UZinhle uthe inhloso yakhe bekungekona ukuhlasela intsha kodwa ukuqala ingxoxo ngalolu daba.

Ubalule indima yakhe njengosomabhizinisi omncane oqasha futhi aqeqeshe abantu kodwa waqaphela ukuthi lokhu kukodwa akuzixazululi izinselelo ezisabalele entsheni yaseNingizimu Afrika.

“Ngingenza okuningi ngokwesekwa uhulumeni,” kusho yena.

“Siyithuthukisa kanjani intsha yethu ukuze ilungele ukuqashwa? Ngabe siyaphika ukuthi asiyitholi imisebenzi esiyifunayo ngenxa yokuthi asinawo amakhono adingekayo? Siyaphika yini ukuthi akubona bonke abantu abayitholayo imfundo abayidingayo ukuze baqasheke?”

Uthe abantu banaka abafundi abaphothule umatikuletsheni noma abanama-diploma nokunye abangayitholi imisebenzi.

“Angisho ukuthi abaludingi usizo ngoba bayaludinga. Kodwa kumele sicabange ngentsha ngokugcwele ukuze sikwazi ukuphonsela inselelo abantu abaphethe,” kusho yena.

Isithombe esingenhla: uDJ Zinhle

Umthombo wesithombe: Instagram.

Izihloko zakamuva