UDJ Zandimaz uyelulama ngemuva kokuhlinzwa ebuchosheni ngenxa ye-brain turmour

Lubhalwe nguRorisang Modiba

UDJ Zandile “Zandimaz” Mazithulela uthathe ikhefu emsebenzini wakhe womculo ukuze alulame ngemuva kokuhlinzwa ebuchosheni.

Utshele iTshisaLIVE ukuthi wahlinzwa ngasekuqaleni kukaNdasa ngemuva kokuquleka e-UK ngo-2022 waphinde e-Zambia emasontweni ambalwa kamuva.

“Besicabanga ukuthi ukukhathala nje, kodwa ngaya kobona udokotela wami, bathola i-tumour. Kuphele unyaka ngithathe ikhefu, kodwa izinto zaba zimbi kakhulu ngenxa yokukhathazeka okuthinta imizwa yami. Bengibhekene nemizwa eyahlukene ngingakwazi nokuhamba kahle,” kusho yena.

“Ngibuyele kudokotela wami, bathi sekufike lapho bengakwazi ukwenza lutho ngakho. Ukuhlinzwa kwakungase kungibulale, kodwa ngathandazela ukuba kuphumelele. Ngihlizwe amahora ayisikhombisa ngahlala e-ICU izinsuku ezinhlanu, ngase ngigoduka. Ngiyajabula ukuthi ngiyelulama.”

Lo mculi oshisa izikhotha ngengoma ethi “Emathandweni” uthe i-tumour yenze wangakwazi ukucula nokuqopha okuholele ekutheni agcine esecindezelekile wagcina engasazethembi.

“Ngithathe leli khefu elide ngoba bengingakwazi ukucula njengoba bengingakwazi ukuma isikhathi eside ngingakwazi nokugqoka izicathulo eziphakeme. Ukuzethemba kwami ​​kwehla, futhi kwakungikhungathekisa lokho. Abantu abaningi bebengazi ukuthi ngibhekene nalesi sikhathi esinzima.”

UDJ Zandimaz (32) ubonge umyeni wakhe ngokumeseka, wathi uyena owayemqinisa idolo ngezikhathi ezinzima.

Osesithombeni esingenhla: DJ Zandimaz

Izihloko zakamuva