UDJ wodumo usezolingisa kuZalo

Lubhalwe nguMenzi Magubane

UDJ odumile waseThekwini kulindeleke ukuthi avele okukuqala emdlalweni odlala nsuku zonke Uzalo.

UDJ Hlo ukuqinisekisile kwi-Scrolla.Africa ukuthi ezinsukwini ezimbalwa ezizayo uzobe eqala ukuvela komunye wemidlalo yaka-SABC ebukwa kakhulu.

Lo mculi wama-Piano uchaze indawo azoyilingisa njengokufezeka kwephupho lakhe—uzodlala indawo yokuba ijaji kumbukiso wamathalente.

“Kwakuhlale kuyisifiso sami ukulingisa njengoba ngikulo mkhakha wezokuzijabulisa. Iphupho lami liyafezeka futhi kuyakhombisa ukuthi ngiyakhula kulo mkhakha. Kuyangijabulisa kakhulu ukwenza into ehlukile kunomculo,” kusho uDJ Hlo.

Lona wesifazane unqabile ukudalula usuku ayoqala ukuvela ngalo, uthe ufuna abalandeli bakhe kanye nababukeli balo mdlalo bamangale uma sebemubona.

“Engingakusho nje ukuthi ngizobe ngingu DJ Hlo oyijaji embukisweni wamathalente. Ngingathanda futhi ukuthi ngingakudaluli ukuthi zingaki iziqephu engizovela kuzona.”

UDj Hlo onguHlosiwe Mthalane kungenzeka avele kuleli sonto njengoba umhleli wombukiso wamathalente, odlala indawo kaHlelo esesondele emaphethelweni.

UDj Hlo ungene kulo mkhakha wezokuzijabulisa ngo-2019 kodwa uze wavela kahle ngo-2021 ngengoma yakhe eyahlukanisa unyaka. Iculo lakhe a-piano elithi “isibani” yilo elamuwinisa kumncintiswano woKhozi FM, okwamenza waba ngowokuqala umuntu wesifazane ukuthola lo mklomelo. 

NgoLwesine umemezele ukuthi kukhona enye ingoma ayikhiphile engawuhlukanisa unyaka ethi “Visa”. UKhozi FM seluzivulile izindlela zokuvotela izingoma eziyishumi ezizongena ohlwini, ingoma ezohlukanisa unyaka izophuma kulezi ezivoteliwe. 

“Ivisa” ingoma yami yokugcina kulo nyaka. Umculo omningi ngizowukhipha ngonyaka ozayo. Futhi ngiyathemba ukuthi ingoma yami izongena ohlwini lwezingoma eziyishumi okuzobe kuchaza ukuthi abantu bayithandile.

Esithombeni esingenhla: UDJ Hlo

Umthombo wesithombe: sithunyelwe

Scrolla World Cup Quiz