UDJ wakuleli usayinwe inkampani kasaziwayo

Sizwe Sibiya

Ngemuva kwezinyanga egxekwa ngabezindaba ngekhono lakhe lobuDJ, isihlabani sama-piano uLungelihle “Dj Uncle Waffles” Zwane, uhleke yedwa ekugcineni njengoba esayine isivumelwano nenkampani yokuqopha yesihlabani sase-Canada, uDrake, i-OVO Sound.

Isivumelwano sokuqopha siveza umzuzu omkhulu ekukhuleni okumangalisayo kwama-piano njengoba esedonse ukunakwa nguDrake, okungangabazeki ukuthi ungumculi ohamba phambili emhlabeni.

U-Uncle Waffles (22), uveze injabulo yakhe nabalandeli bakhe ngemuva kokuthi lo mrepha ekhulume ngaye ekhasini lakhe le-Instagram ngoMsombuluko ngaphambi kokuthi abamumele i-Kreative Kornerr bamemezele lezi zindaba ngemuva kwehora.

“Iciko elikhulu kunawo wonke emhlabeni lisayinise ngokusemthethweni u-@unclewaffles_ futhi lifake izingoma zakhe ekhasini lalo le-Instagram. USEHAMBILE!” kusho i-Kreative Korner. Le nkampani yezindaba iphinde immele abanye abaculi abakhulu abafana nomrepha waseThekwini uBlxckie.

Udumo luka-Uncle Waffles lwenzeke ngemuva kokusabalala kwevidiyo yakhe edlala ingoma yango-2021 ethi-Adiwele kaDJ Kabza De Small noYoung Stunna eyashisa izikhotha ngo-2021.

Khonamanjalo umphathi wenkampani yezimonyo i-Beauty and the Beat ophinde abe umgqugquzeli uMihlali Ndamase ugxekwe kungenasidingo ku-Twitter ngemuva kokuvela kwezindaba zika-Uncle Waffles .

“U-Uncle Waffles ube nenhlanhla wanakwa uDrake njengoba abaningi bezifela ngaye ikakhulukazi uMihlali owake waveza ukuthi uyazifela ngalo mculi waphesheya,” kusho omunye kwi-Twitter.

UMihlali uye wadalula esidlangalaleni ngoMasingana kulo nyaka ngomuntu amthanda kakhulu emhlabeni waze wafaka nezithombe  zakhe noDrake ezikhandwe nge-photoshop begqoke imvunulo yomshado wesintu wesiXhosa.

Umthombo wesithombe: @Waffles

Izihloko zakamuva