UDJ uphendula iphupho lakhe ingoma yothando

Sizwe Sibiya

Njengencwadi i-Christmas Carol, uDJ Sbi-Techn ophinde abe umculi waba nephupho elididayo ngosuku lukaKhisimusi. Kodwa esikhundleni sokuvakashelwa izipoki ezintathu, leli phupho ligqugquzele ingoma yakhe entsha ethi-“Stay Alive”.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa mayelana nokuthi le ngoma ayicula ngokuhlanganyela noPolite yaqanjwa kanjani, uSbi-Techn uthe le ngoma yafika kuye njengombono wephupho eliyisimanga abanalo ngosuku lukaKhisimusi.

“Ngomhlaka-25 kuZibandlela nyakenye ngaba nephupho. Kwakungasekho ukukhanya kwelanga emhlabeni jikelele, kwakukhona amafu kanye nesimo sezulu esibandayo kuphela.

“Bengihlezi ngedwa isikhathi esiningi ngoba labo engibathandayo bebengishiyile,” kuchaza uSbi-Techn owahamba e-Krugersdorp ngo-2019 eyofuna amadlelo aluhlaza eThekwini lapho ezinze khona.

“Kodwa-ke inja yami yayinami endlini, ngakho ngaqala ukubhala amagama ngethemba lokuthi kamuva le nja izokwazi ukufunda. Isihloko sale ncwadi sithi: STAY ALIVE,” engeza.

“Emasontweni ambalwa edlule nginqume ukuyibhala ibe yingoma.”

Umculo womdanso we-elekthronikhi osuselwa kwiphimbo lengoma ethi-“Stay Alive” ikhishwe ngoLwesihlanu ngomhlaka-29 kuNtulikazi ngaphansi kwelebula yakhe yokuqopha izingoma i-Earl Grand, njengengoma yothando.

“Even when the sun don’t shine, would you stay alive?”

“Would you lay next to me in my bed,” kucula uPolite engomeni engaphezu kwemizuzu emine etholakala kuzo zonke izinkundla zokusakaza umculo.

Khonamanjalo, uDJ Sbi-Techn owaba nesikhathi esinzima ezama ukuqashwa ngesikhathi somvalelo ngo-2020 ngenxa yalolu bhubhane, usebuyile udlala ezingoma ezindaweni zobumnandi ezahlukene eThekwini. Uhlanganyela isiteji noDJ bendawo abasafufusa abafana noDJ Nzuza FKM kanye noDJ Sbudah ukubala abambalwa.

Umthombo womsindo: YouTube/DJ Sbi-Techn

Izihloko zakamuva