UDJ udedelwe ngebheyili kwelokushaya intombi yakhe

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

UDJ ophinde abe umdidiyeli womculo uThemba Sonnyboy Sekowe odume ngelikaDJ Maphorisa unikezwe ibheyili ka-R4 000 ngoMsombuluko ngemuva kokuboshelwa icala lokushaya intombi yakhe.

Uboshwe ngeSonto ngemuva kwengxabano eshubile nesithandwa sakhe uThuli Phongolo esidlangalaleni endaweni yobumnandi.

Abazibonele bathi lo DJ uhlulekile ukuzibamba washaya intombi yakhe ngesibhakela nangempama ebusweni nasesifubeni ngaphambi kokuyiyisa evulandi lapho aqhubeke khona nokuyihlukumeza.

Ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko uPhongolo ubelwela ukuthatha ucingo lwakhe kuSekowe oluthathe ngesikhathi bexabana.

UPhongolo ukwazile ukuthola ucingo lwakhe wabe esethinta umphathi wakhe omhambise esiteshini samaphoyisa ukuyobophisa lo DJ.

Imithombo esondelene nalezi zithandani ithe bebengaqali ukuba nengxabano eshubile njengoba bake babanezinkinga ezinkulu ebudlelwaneni babo.

Abalandeli bakaSekowe bazwakalise ukuphoxeka kwabo ngoDJ odumile wama-piano njengoba omunye ebhale wathi: “Ukushaya bekungadingeki. Abantu baxabana njalo kodwa asikho isidingo sokushaya omunye.”

Omunye umlandeli ubhale wathi “UMaphorisa kufanele ajwayele ukushaya umculo esitudiyo hhayi abesifazane.”

USekowe uvele eNkantolo yeMantshi yase-Randburg ngoMsombuluko ebhekene necala lokushaya.

Ibheyili ikhishwe ngaphansi kombandela wokuthi angaxhumani noPhongolo ngokuqondile noma ngokungaqondile.

Esithombeni esingenhla: UDJ ophinde abe ngumdidiyeli womculo uThemba Sonnyboy Sekowe odume ngelikaDJ Maphorisa, unikezwe ibheyili ka-R4 000 ngoMsombuluko.

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva