Sizwe Sibiya
Umculi wama-piano wase-Soweto uDJ Stokie, ugcine eyikhiphile ividiyo yomculo ethi “Soke S’bone”, okungeyokuqala ohlelweni lwakhe lwezingoma ezine lwangonyoka ka-2021 olunesihloko esithi Soke S’bone EP.
Le ngoma ifake abaculi abadumile bama-piano, okubalwa uSir Trill kanye no-Loxion Deep, bobabili abanekhathalogi yomculo ohlaba umxhwele.
Kungalindelekile, u-DJ Stokie ubuye waletha abaculi ababili abasebasha uMurumba Pitch noNobantu Vilakazi.
UVilakazi akakhiphi nelilodwa igama engomeni, ukhipha kuphela ama-piano Ad-libs amangalisayo – okuyindlela enhle kakhulu emculweni wama-piano.
UDJ Stokie ujwayele ukubalwa njalo njengomunye wabantu abalolonga umculo wama-piano ezingxoxweni eziningi ngabaculi abahlonishwayo, abafana noDJ Kabza De Small kanye noNjelic.
Uma kubhekwa ukuthi lo mculi wenza umculo wama-piano ube yilento oyiyona namhlanje, akumangazi ukuthi ingoma yakhe yokuqala inesihloko esithi “Superman”.
Khonamanjalo ividiyo yomculo ethi “Soke S’bone” isibukwe ngabantu abangu-40 000 ngemuva kokuba ikhonjiswe okokuqala ngoLwesithathu, ngomhlaka-26 kuMasingana ku-YouTube.
Ividiyo yomculo: YouTube