UDJ Speedsta ulaxaze itoho kwiMetro FM

Sizwe Sibiya

Ngemuva kokushona komngani wakhe omkhulu uRiky Rick, uDJ Speedsta usememezele ukuthi uyayishiya i-Metro FM ngemuva kweminyaka emihlanu esebenza kulesi siteshi sakwa-SABC.

UDJ we-Hip Hop ongumculi nomsakazi ojoyine i-Metro FM ngo-2017 esuka ku-YFM, uthe udele lukhulu ukuze enze umsebenzi wakhe kulo msakazo ube yilokhu oyikho namuhla.

Lo DJ wyanqamula inkontileka yakhe ne-YFM ukuze ajoyine abethuli bohlelo uLoot-Love noDJ Jaws ohlelweni oluthatha amahora amane i-Absolute Hip Hop ngo-2017.

“Ngadela ubusuku bami bangoMgqibelo, ngadela imicimbi engangimenywa kuyo, ngaphuthelwa imishado eminingi, ubusuku bangoMgqibelo, ngaphuthelwa isikhathi esiningi nabantu abangithandayo,” kusho uSpeedsta.

“Ngitshele umdali ukuthi angeke ngisakwazi ukwenza lokho ukudlula lapha,” enezela.

Lo DJ wengoma eshisa izikhotha ethi “Mayo” wake waba ngumethuli wezinhlelo kumabonakude esiteshini i-Vuzu ku-DStv ngesikhathi eku-YFM, kanti ubonge lo msakazo kakhulu owathula izwi lakhe ngezinga elikhulu.

“Ngithanda ukuthatha leli thuba ngibonge wonke umuntu ku-Metro ngokukholelwa kimina ngaso sonke isikhathi. Ngihlengezela izinyembezi njengoba ngibhala lokhu,” kubhala uSpeedsta ekhasini lakhe le-Instagram ngoMsombuluko.

ULoot-Love owashiya lo msakazo ngo-2020 noDJ Jawz osasebenza kulo msakazo owenza uhlelo olufanayo, bahalalisele uSpeedsta ngesibindi sakhe.

“Ngiyaziqhenya ngawe! Ngikufisela konke okuhle Speedy,” kuphawula uLoot-Love.

“Ibambe lapho bese ubuye usunamandla kakhulu,” kwengeza uDJ Jawz.

Scrolla World Cup Quiz