
Sizwe Sibiya
Ngemuva kokwenza i-remix yeculo likaBrenda Fassie elalishisa izikhotha elithi-“Weekend Special” ngoNhlolanja, uDJ Shimza usebuye ne-remix yengoma yomunye umculi wakudala.
Kulokhu wenze ingoma kaBongo Muffin ethi-“Thathi Sgubhu”.
Le ngoma yakhishwa okokuqala ngo-1998 yiqembu lomculo laseMzansi elinamalungu amane, kanti “i-Thathi Sgubhu” ingoma yabo eyashisa izikhotha ephuma kwi-albhamu yabo yesibili enesihloko esithi-The Concerto. I-albhamu yawina indondo ye-South African Music Award for Best African Pop Album ngo-1999.
Ngakho-ke, akumangazi ukuthi uShimza ukhethe ukucula izingoma ezishisa izikhotha njengoba eseyihlanganise okwesibili kwi-albhamu ethi-There’s No Wrong Way to Remix 2.0 edidiyelwe yi-Ballantine.
UShimza ongowase-Tembisa eGoli ujoyine uMusa Keys odume ngengoma ethi-“Selema” ayicula noDJ Stokie odume ngohlobo lomculo wama-piano okhona kwi-albhamu.
“Ngikwazile ukwenza i-remix yezingoma engikhule ngizilalela, izingoma ezazishisa izikhotha!
“Ingcindezi yokwethula i-remix ezobuyisela abantu ezikhathini zabo zenjabulo enkulu ngenye into, ikakhulukazi uma yenziwe kahle, engicabanga ukuthi ngikwenzile ngalezi zingoma,” kusho uShimza ophinde abe ngumculi we-Ballantine yakuleli.
Iphrojekthi yesibili yokuhlanganisa ingoma ixhaswe yi-Ballantine’s Scotch whisky. Eyokuqala wayecelua noDJ Stokie kuphela, osebenzise leli thuba ukwenza kabusha izingoma ezifana nekaDJ Zinhles ethi “Indlovu” nekaMicasa ethi-“Mamela” kanjalo nezimbili ze-kwaito ezishisa izikhotha zikaM’du noTrompies.