Sizwe Sibiya
Usomabhizinisi oyintandokazi eNingizimu Afrika, uDJ Sbu, usematheni njengoba uMzansi uzibuza ukuthi ngabe uyaphila yini ngemuva kwevidiyo yakhe ekhuthaza abantu ukuthi bazifundise ukugona.
Kule vidiyo uDJ Sbu ukhuthaza ukuthi kugonwe izihlahla.
“Uma uthola ithuba, vele ugone isihlahla,” usho kanje kwividiyo ayifake ezinkundleni zokuxhumana.
“Ungagona isihlahla imizuzu nje emibili, kuya kwemithathu. Ngokugona nje isihlahla, uyashintsha futhi uyakwamukela,” kuchaza uDJ Sbu obonakale engashefile intshebe ngesikhathi ehamba ngaphansi kwesihlahla.
UDJ Sbu, naye odume ngokugqugquzela osomabhizinisi abancane kanye nentsha yaseNingizimu Afrika ukuthi isebenze ngokuzikhandla, ubukeka engemuhle kakhulu kunalokhu asuke eyikhona uma evela kwiziqephu ezimfishane zamavidiyo akhe. Lokhu sekuholele ekutheni abanye babalandeli bakhe bazibuze ukuthi ngabe uzizwa ekahle yini.
“Uma uthola isikhathi, bheka uSbu,” kusho omunye obebuka le vidiyo ku-Facebook.
“Ngisho nokumamatheka kwakhe kuyangikhathaza,” kuphawula omunye.
Yize abanye bengase baphuthelwe inhloso nephuzu uDJ Sbu abezama ukuliveza, abanye baveze imibono ehlukene ngalevidiyo.
“Ngicabanga ukuthi usho ngosuku lwezithandani,” kuphawula omunye umlandeli, owayezama kanzima ukuqonda inkulumo kaSbu.