Sizwe Sibiya
UDJ Prince Kaybee usephenduke undabamlonyeni ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokukhombisa imoto yezemidlalo ewuhlobo lwe-McLaren 720s GT3 azobe eyishayela neqembu lakhe emjahweni obizwa nge-Virtual Kyalami 9 Hour Race.
Kodwa okukodwa okuhlukile ngalemoto: iyi-Virtual car okusho ukuthi imoto edlalwa ku-inthanethi.
Lomjaho olindelwe ngabomvu uzokwenzeka ku-inthanethi kuphela futhi abagijimi bawo bazobe beshayela izimoto okungazona ezangempela.
Imoto yemidlalo eyenziwe ngedijithali kaPrince Kaybee ewuhlubo lwe-McLaren izoqhudelana namanye amaqembu aku-inthanethi angu-40 ngomhlaka-30 kuMasingana.
Lo mjaho uzobe ulingisa imijaho yangempela yezimoto zemidlalo we-intercontinental, kwi-Kaylami 9 Hour Race.
Umjaho wangempela uzokwenzeka ngomhlaka-3 nangomhlaka-5 kuNhlolanja e-Kyalami Grand Prix Circuit e-Midrand, eGoli ngemuva kweminyaka engu-37 umisiwe.
Isihlabani somculo uCassper Nyovest uphiwe imoto ewuhlobo lwe-McLaren entsha ozakwabo ebhizinisini ngosuku lwakhe lokuzalwa ngoZibandlela ngonyaka ka-2021. Kodwa ekaCasper bekuyimoto yangempela.
Umthombo wesithombe : @PrinceKaybee