UDJ odumile nomfowabo babulawe umbani

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Izelamani ezimbili zaseWinterveldt ngaseTshwane zishaywe umbani zashona ngoLwesine ntambama.

UMaster Baloyi onguDJ wodumo weGiyani Community Radio, nomfowabo uThabo bebevakashele uyise ukuzogubha usuku lokuzalwa lukaMaster.

Laba bobabili banqume ukuhamba ngezinyawo ngemuva kokunqamuka kwemvula enkulu, kodwa abafikanga lapho bebeya khona.

Isakhamuzi saseWinderveldt, uNomsa Masuku ohlala eduze kwendawo lapho kwenzeke khona isigameko uthe uzithele phezu kwezidumbu ezimbili ngesikhathi eyothulula umgqomo wakhe esigangeni waphindela emzini wakhe eyocela usizo.

“Ngisakhungathekile ngalokhu engikubonile ngesikhathi ngifica izidumbu kanye nomsindo wokushaya kombani. Selokhu kwathi nhlo sihlezi sizwa ngabantu abashawe umbani kwabezindaba akukaze kwenzeke lokhu kulendawo,” kusho isakhamuzi.

“Angikaze ngiyizwe into enje ngaphambilini. Nginqume ukucasha ngaphansi kombhede wami ngesikhathi ngibona umbani ushaya bengisabela impilo yami.”

Esinye isakhamuzi, uKabelo Letsoalo oyi-recycler uthe ngesikhathi ebona izidumbu zabo ubonge uNkulunkulu ngokuphephisa impilo yakhe njengoba ubecashe emjondolo ngesikhathi liduma lishaya umbani.

“Izindlebe zami zisebuhlungu ngenxa yokushaya kombani,” kusho isakhamuzi.

Umphathi wesiteshi i-Odi Emergency Management Services, uMartin Shibambo uthe lezi zelamani zitholakale zishonile endaweni yesigameko.

Amalungu omndeni ahlukumezeke kakhulu futhi awakwazanga ukukhuluma nabezindaba.

Isithombe esingenhla: Izelamani ezimbili ezishawe izulu zashona

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva