Celani Sikhakhane
I-ANC eKZN isole owayengumsakazi woKhozi FM uNgizwe Mchunu ngokusetshenziselwa ukuhlasela ubuholi be-ANC.
NgeSonto ntambama uMchunu uhlasele uSihlalo we-ANC eKZN uMnu Sihle Zikalala noNobhala uMnu Mdumiseni Ntuli.
“UZikalala noNtuli bayicekele phansi i-ANC eKZN [uNgqongqoshe wamaPhoyisa] uBheki Cele kumele azinyeze. Waze wabungaza ngesikhathi ngiboshwa. Cabanga nje umholi okhohlakele njengoCele ebungaza ukuboshwa komuntu ongenacala njengami”, kusho uMchunu.
Ubachaze njengabaholi abayichilo okumele basule ezikhundleni ngokushesha.
UMchunu uboshwe ngoNtulikazi wathweswa icala lokugqugquzela udlame emphakathini ngesikhathi sodlame lwangaleyo nyanga.
Lokhu kucasule i-ANC eKZN esole uMchunu ngokuxhashazwa ngamalungu ale nhlangano afuna ukuthuthukisa izinhloso zawo.
UMchunu uphinde wahlasela uNgqongqoshe uMnu uSenzo Mchunu emsola ngokudukisa uMengameli uCyril Ramaphosa.
Okhulumela i-ANC eKZN uMnu uNhlakanipho Ntombela uthe banenkinga ngamalungu e-ANC angamagwala agcina esefuna abantu abafana noMchunu ukuthi bahlasele ubuholi be-ANC.
“Bayasaba ukuvele baqonde kubaholi ngakho basebenzisa abantu abafana noMchunu ukulwa izimpi zabo zepolitiki, laba bantu bazoqhubeka nokwenza lokhu ngoba siya ezingqungqutheleni zokukhetha ubuholi bezifunda eKZN,” kusho uNtombela.
Uphinde waveza ukuthi leli qembu lithwele kanzima ngoba amalungu afana noMchunu ajoyina abaholi abafana nowayengumengameli wezwe uMnu Jacob Zuma ku-ANC ngaphambi kokuthi babe amalungu ale nhlangano.