Sizwe Sibiya
Uma kukhulunywa ngomkhiqizo e-United States, abathandi bomculo abaningi bazokutshela ukuthi eminyakeni embalwa edlule akekho noyedwa oshaya umculi nomdidiyeli owazalelwa e-New Orleans, uDJ Khaled.
Umi cishe engenamphikisi njengomdidiyeli womculo okhipha ama-albhamu aphelele ezingoma ezishisa izikhotha – futhi umculo wakhe unabaculi abaphezulu kakhulu.
Uma ubucabanga ukuthi i-albhamu yakhe ethandwa kakhulu, yowezi-2017 ethi-Grateful, ibihamba phambili ngamaculo afana ne “Wild Thoughts” nethi “I’m the One,” likhona-ke irekhodi elizayo elizwakala lifanele ukulindwa.
UDJ Khaled uqambe le albhamu ngegama nesibongo sakhe: i-Khaled Khaled igama le-albhamu elindelwe kakhulu ezayo evela kuloDJ oneminyakeni engama-45.
UDJ Khaled ngokwakhe uthathe isasasa lakhe walisa ku-Instagram ngoLwesihlanu, wafaka ividiyo ekhokhombisa ekhombisa yean egijima nomakhalekhukhwini wakhe obekwe ekhanda, ngaphambi kokungena e-swimming pool nawo, wabe esememeza ngenjabulo ethi: “THE VOCALS ARE IN!”
Ube esecwila emanzini ngenkathi esamemeza – ngaphambi kokuphinda aqale futhi aqedele umusho ethi “The Vocals of Justin Timberlake are in!”
Lokhu kusho ukuthi i-albhamu i-Khaled Khaled ayigcini nje ngegama lakhe ukuthi libizwe kabili, kodwa izophinde ibe nabaculi ababili abahamba phambili abangoJustin eMelika: uJustin Timberlake noBieber.
UTimberlake, ngemuva kokuzwa ingoma engakaqedwa, uthe ingafaniswa nezingoma ezishisa izikhotha zikaJay-Z ezithi “Song Cry” nethi “Holy Grail.”
UBieber uphinde wavela kuma-albhamu akhe angaphambilini i-Grateful ne-Father of Asahd, ekhishwe ngowezi-2019.
I-albhamu, ethi-“100% done and it’s amazing” ngokusho kukaDJ Khaled, ogama lakhe eliphelele nguKhaled Mohamed Khaled, kulindeleke ukuthi ikhishwe ngoLwesihlanu , mhla zingama-30 kuNdasa ngowezi-2021 futhi kuzoba yi-albhamu yakhe ye-12 kusukela ngowezi-2006.