Linda Ximba
Odume ngelikaDJ Black Coffee uzogqoka ibheshu uma esehambela umcimbi wama-Grammy Awards e-Los Angeles ngonyaka ozayo.
“Benginomama ngesikhathi ngithola izindaba zokuqokwa kwami. Ubengaqondi ukuthi ama-Grammy amayelana nani,” kusho lo DJ ogama lakhe langempela nguNkosinathi Maphumulo.
Uvele wangazi ukuthi azizwe kanjani, kodwa wakuqonda ukuqokwa kwakhe ngoba ubesebenzela khona.
“Yilokho engangikuhlosile ngesikhathi ngenza i-albhamu. Sengikubheke ngabomvu ukuhambela lo mcimbi futhi ngizozigqaja ngebheshu ukuze ngikhombise ukuzigqaja kwami ngokuba ngowase-Afrika,” kusho lo mdidiyeli wezingoma ophinde abe ngumbali wezingoma futhi anandise.
I-albhamu yakhe enesihloko esithi-Subconsciously iqokwe emkhakheni we-Best Dance/Electronic Album. Uzobhekana no-Illenium, i-Major Lazer, u-Marshmello, i-Sylvan Esso ne-Ten City. Umcimbi uzoba mhla zingama-31 kuMasingana endaweni esanda kuqanjwa kabusha i-Crypto.com Arena.
“Kuyangijabulisa ukwesekwa ngabalandeli bami,” usho kanje.
Ubekhuluma esithangamini nabezindaba e-Ballito ngeledlule emcimbini obumayelana nomyalezo wokuthi-Afrika is not a jungle, lapho okumenyezelwe khona ukuthi uBlack Coffee uzocula noDJ Merlon epaki ebizwa nge-Sugar Rush e-Ballito mhla zingama-24 kuZibandlela.
“Inhloso yethu enkulu ukukhombisa umculo wakuleli kanye nabaculi abanekhono ngesikhathi sisebenzela ukuthuthukisa ezokuvakasha kanye namathuba okutshala imali esifundeni iLembe,” usho kanje.
“Sifuna ukukhombisa umhlaba ukuthi i-Afrika ayilona ihlathi. Sinethemba lokuthi sizodala amathuba afana nalawa agcina emenza waduma umhlaba wonke. Amathikithi azobiza kusuka kwimali engama-300 amarandi kuya kwimali eyi-1000 zamarandi.