Moyahabo Mabeba
UPaul Madubyana, umphrofethi ozigqamisayo webandla i-Ikemetseng Apostolic Church of Zion e-Kalkspruit endaweni yase-Mashashane esifundazweni sase-Limpopo ulokhu ekugcizelelile ukuthi umsulwa ngokushona kwentombi yakhe ebineminyaka eyi-17, uNeo Setena, kodwa umndeni wakhe uyamphikisa, kanti ngokusho kwaPaul umndeni kaNeo ufuna ukuziphindiselela.
Yilokho okumenze wangaya emngcwabeni ngeSonto.
Uthe ubelokhu ethola ukusongelwa okuqhamuka emndenini kaNeo abathi bafuna ukuziphindiselela ngokushona kwengane yabo.
UPaul uyaziphika izinsolo zokuthi ufakele uNeo ushevu wase eyomlahla esibhedlela esibizwa nge-Seshego ngeSonto mhla ziyi-12 kuMandulo. Ube eseshona ngosuku olulandelayo.
UPaul uthe ubeyithanda intombi yakhe. Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngesikhathi eqala ukuthandana noNeo, ubenezinkinga zomndeni okuholele ukuthi azibulale.
“NgoNhlaba wazama ukuzibulala ngokuphuza ibhodlela elinesibulali magciwane kwathi ngokuhamba kwesikhathi waphuza amaphilisi ngokweqile,” kusho uPaul.
UPaul uthe ngobsuku ngaphambi kokuba kwenzeke lenhlekelele, wayisa uNeo endaweni yokuphuza amanzi amponjwane lapho afike waphuza ubsuku bonke.
“Kuthe ngokuhamba kwesikhathi waqala wakhala ngesifuba sakhe futhi waqala waphalaza. Ngibe sengimthatha ngamyisa esibhedlela ngimgoqe ngethawula kuphela. Ngimshiye enakekelwa abahlengikazi ngase ngahlala ngasemnyango wasesibhedlela waze wafika umndeni wakhe. Ngesikhathi bengibona bavukwe ulaka bangisongela ngokungishaya.”
Uthe manje uhlala endaweni eyimfihlo eyaziwa amalungu omndeni, kodwa asondelene naye.
“Ngiyasaba, angikwazi nokuya emaphoyiseni ukuyovula icala lokusatshiswa. Ngingazithola sengihlaselwa endleleni eya khona.”
Noma kunjalo, umalume kaNeo, uJeff Setena usola uPaul ngokuhubhuza amanga wathi uthandana nezingane ezincane zamantombazane ngoba elambele ucansi.
“Umprofethi wamanga ubheka izingane ezisencane zamantombazane ukuze azokwazi ukuzilawula emqondweni, aphinde azesabise” kusho uJeff.
U-Antoinette Teffo, umhlali wase-Ga-Maraba uthe bekunamahlebezi okuthi umphrofethi uthatha izingane ezisencane aziyise entabeni ebsuku azikhohlise ngokuthi bayothandaza.
Uthe,”umphrofethi usebenzisa ukwesabisa ukuze ajike umnqondo wamantombazane asemancane awatshele ukuthi athakathiwe. Utshele ingane kamzala wami ukuthi izincwadi zayo zitshontshiwe futhi abathakathi bafuna ukumphendula umkhovu. Wamkhohlisa wathi akeze azohlala naye ukuze azomvikela. Ube eseyeka iskole wahamba wayohlala naye,”
UBrigadier Motlafela Mojapelo, okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uthe bavule idokhethi lokubuza imbuzo ngemuva kokushona kukaNeo esibhedlela sase-Seshego.
“Siyasola ukuthi uNeo udliswe ushevu. Uma ngabe uphenyo lwethu luveza ukuthi khona umuntu onesandla ekushoneni kwakhe, kuzovulwa icala lokubulala futhi umsolwa uzoboshwa” kusho uMojapelo.