Udinwe ugane unwabu ubhuti okuhlelwe umshado kasisi wakhe omncane yena engazi

Elmon Tshikhudo

Ngesikhathi ethola ukuthi umawakhe uhlele umshado wesintu kasisi wakhe lapho kumele ashade khona umholi wamasiko oqhamuka e-Tshidzini ngaphandle kwase-Thohoyandou, ube esethatha isinqumo sokuthi angeke avumele lomshado wenzeke.

Ubhuti okhethe ukungadalulwa igama ngenxa yokuvikela isithunzi sikadadewabo uthe umshado ubuyimfihlo futhi kwayena ubengawazi.

“Angikaze ngitshelwe ngezinhlelo ngoba bebazi ukuthi angeke ngivumelane nalokhu abakwenzayo” etshela i-Scrolla.Africa.

Usisi wakhe omncane uneminyaka eyi-17 ufunda esikoleni okuthiwa i-Fulufhelo Special School endaweni yase-Bunzhe.

Umshado wakhe eshadiswa nomholi wamasiko bekumele wenzeke kulenyanga, kodwa ngosiko lama-Venda umshado owenzeka ngoNcwaba bakholelwa ukuthi usuke uqalekisiwe.

Ngokusho kabhuti wakhe ofunda ekolishi yase-TVET endaweni yase-Vhembe uthe umshado uhlehliselwe umhla ziyi-4 kuMandulo.

“Ngiyazi ukuthi usisi wami abazange bakhulume naye ngesikhathi benza amalungiselelo” kusho ubhuti wakhe.

Uphinde wathi uyakholelwa ukuthi ikhona imali abanikezane yona esuka kamkhwenyana iye emndenini wakhe.

Uthe amalungiselelo abenziwa umama wakhe, ugogo wakhe, osisi bakhe kanye nezinduna eziqhamuka esigodini sangakubo.

Ngesikhathi ethola ngaloludaba lomshado, uthe uphuthume waya emaphoyiseni ase-Thohouyandou ezama ukuvula icala, kodwa amtshele ukuth kumele ayobika lolu daba kusonhlalakahle wendawo.

“Ngiphinde ngaya kwikhomishini ephethe amalungelo abantu base-Limpopo abamtshele ukuthi akagcwalisa amafomu abike udaba lwakhe kodwa ngibona ngathi isikhathi asisekho”.

Uchaze wathi “Usisi wami angashadiswa ngingakalitholi usizo. Ngiphelelwa ithemba ngiyaludinga ngempela usizo oluphuthumayo kuphakathi kokufa nokuphila”.

Ngesikhathi sithola umama wakhe ukuthi akaphawule ngaloludaba uthe “lo mfana usedlalela ezitsheni ezifayo ungena izindaba zabantu abadala. Ngingumzali wakhe kumele kucace lokho, okunye okusemqoka ukuthi usisi wakhe usekhule ngokwanele uyamdinga umkhwenyana”.

Uphinde wathi “abantu abakhubazekile abahamba ngesihlalo esinamasondo bayakwazi ukuba nezingane futhi akakuboni okubi ngengane yakhe”.

Ugogo wabo uthe “lo mfana ufuna ukudicilela isithunzi salomndeni phansi ukuze sibukwe umphakathi”.

Ongumholi wekhomishini eliphethe amalungelo abantu uVictor Mavhidula uthe inhlangano izothatha izinyathela uma ngabe isikhalazo sesifakiwe.

“Sinxenxe umndeni ukuba ufake isikhalazo ngokusemthethweni okuyilaphoke esizosukuma silubhekisise lolu daba” kusho uVictor.

Umshado ohleliwe ujwayelekile kusiko lama-Xhosa futhi kubizwa ngokuthi “ukuthwala”.

Umholi ophethe amasiko akazange aphawule esicelweni esenziwe i-Scrolla.Africa sokuba bazwe uvo lwakhe ngalolu  daba.

Izihloko zakamuva