Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
UReanetse Princess Zwane ophase ngamalengiso ezivivinyweni zikamatikuletsheni zanyakenye uqunge isibindi emigwaqweni emnyama neyingozi yase-Diepsloot ukuze afunde.
Wayephoqeleka ukuthi afunde izincwadi zakhe esikoleni ebusuku ngenxa yokuthi ubengakwazi ukufunda kahle emjondolo ahlala kuwo nabazali bakhe nezingane zakubo ezintathu.
Lo mfundi oyisihlabani wasesikoleni samabanga aphezulu i-Diepsloot ufuna ukuyofundela ukuba ummeli uma engathola umfundaze.
UReanetse ujabulile ukuthi ukusebenza kwakhe kanzima kube nezithelo ezinhle naphezu kwezinselelo ayebhekane nazo ekhaya.
“Bengazi ukuthi ngizophasa kodwa bengingazi ukuthi ngizophasa kahle ngale ndlela,” esho emamatheka.
“Siyisithupha ekhaya, izingane zakithi ezintathu nabazali bethu. Kuwumjondolo onegumbi elilodwa lokulala lapho mina nodadewethu esilala khona embhedeni owodwa bese abafowethu ababili abancane balala komunye umbhede. Abazali bethu banegumbi labo lokulala.
“Ngakho kwakunzima kimi ukufunda ekhaya … ngoba wonke umuntu wayefuna ukwenza izinto azithandayo ngesikhathi mina ngifuna ukufunda.”
Ngakho ngemuva kokubuya esikoleni nsuku zonke ukuze adle bese rlala kancane, uReanetse wayebuyela esikoleni ngobumnyama eyofunda.
Abazali bakaReanetse bajabule kakhulu ngemiphumela yendodakazi yabo.
Uyise u-Ephraim Zwane akasebenzi futhi uthe akazi ukuthi uzoyisiza kanjani indodakazi yakhe ngokwezimali. “Sisalinde ukuzwa eMnyangweni wezeMfundo eGoli ukuthi uzowuthola yini umfundaze.
“Sibambe umoya ngalokho ngoba asinalutho njengomndeni esingasiza uRea ngakho ukuthi aqhubekisele phambili izifundo zakhe,” esho.
U-Ephraim unxuse abanezifiso ezinhle ukuthi basize uReanetse aqale impilo yakhe entsha emfundweni ephakeme.
“Uzodinga umakhalekhukhwini, i-laptop, i-internet router kanye nezimpahla ezintsha. Konke lokho ngeke sikwazi ukukukhokhela njengomndeni. Siyazabalaza.”
Unina kaReanetse, uNthabiseng Zwane utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ujabulile ukuthi indodakazi yakhe yesibili ilandela ezinyathelweni zikadadewabo omdala oneziqu ze-Bachelor of Science in Construction Management futhi wenza izifundo zakhe enyuvesi yase-Wits.
“Ubehlezi ethi ugqugquzelwe udadewabo oqede iziqu zakhe nyakenye kanti uzogqoka imiyezane yakhe kulo nyaka.
Esithombeni esingenhla: UReanetse Princess Zwane (phakathi), uyise oziqhenyayo u-Ephraim kanye nomama wakhe uNthabiseng.
Umthombo wesithombe: Everson Luhanga