Udilikajele kowesilisa owadlwengula abesifazane ababili

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

NgoLwesine, umdlwenguli uKhutso Ramatseba ugwetshwe udilikajele kanye neminye iminyaka eyishumi yiNkantolo yesiFunda yase-Tzaneen ngamacala amabili okudlwengula.

Izigwebo zikhishwe ngokulandelana.

Inkantolo izwe ukuthi ngomhlaka-8 kuNdasa ngo-2014, owesifazane oneminyaka engu-18 ubudala wayegoduka ephuma ethaveni nabangani bakhe ababili esigodini sase-Maphauwe, e-Limpopo. URamatseba wamisa imoto yakhe eduze kwabo, wadonsa isisulu wasifaka emotweni waqonda naso la ahlala khona esigodini esingumakhelwane i-Mamakata.

Isisulu sitshele inkantolo ukuthi ngesikhathi efika uRamatseba wamsabisa ngommese wathi angabangi umsindo noma amemeze.

“Wangidlwengula ephindelela. Ekuseni wacela ukungihambisa ekhaya, endleleni waphinde wangidlwengula ehlathini.

“Ngaphambi kokungikhulula wasabisa ngokuthi uzongibulala uma ngibikela amaphoyisa ngodaba,” etshela inkantolo.

Esigamekweni sesibili, inkantolo izwe ukuthi uRamatseba wahlasela omunye ongowesifazane oneminyaka engu-18 ngomhlaka-29 kuNdasa ngo-2014.

Isisulu sasiphuma esontweni eduze nomfula i-Molototsi silibangise ekhaya ngesikhathi sishaywa ngebhodlela likabhiya sawa phansi.

URamatseba wambamba wamdonsela esikhotheni lapho amdlwengula khona ngaphambi kokumshaya wabe esebaleka ngezinyawo.

Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uMalesela Ledwaba uthe lezi zigameko zibikwe esiteshini samaphoyisa e-Bolobedu.

“Womabili amacala adluliselwa kumseshi usayitsheni Glenda Mathebula we-Tzaneen Family Violence Child Protection and Sexual Offences Unit ukuze awaphenye,” kusho uLedwaba.

“UMathebula walandelela umkhondo wakwazi ukubopha umsolwa kulandela ukuthungathwa.”

Ngemuva kophenyo olude, ummangalelwa wamataniswa nezigameko zombili zobugebengu ngemiphumela yolibofuzo.

Igama likaRamatseba selifakwe ohlwini lwezwe labahlukumeza ngokocansi.

Esithombeni esingenhla: Umdlwenguli uKhutso Ramatseba. 

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva