Lubhalwe nguThathe Msimango
Umpetha we-Comrades Marathon uTete Morena Dijana akakholwa ukuthi nguyena ophethe irekhodi elisha lomhlaba lomjaho ka-50km.
UDijana ugijime isikhathi esingu-2:30:04 kowe-50km ngeSonto e-Gqeberha.
Wephule irekhodi lesikhathi esingu-2:40:13 lompetha wakuleli uStephen Mokoka.
UDijana osebenza njengonogada eNyuvesi yase-North West uthathe ikhefu lamasonto amabili engakhokhelwa ezilungiselela lo mjaho.
Uthe namanje usaphelelwe amagama.
“Ngifikelwa izinyembezi uma ngicabanga ngendlela engigijime ngayo. Angikaze ngicabange ukuthi ngingephula irekhodi lomhlaba. Lokhu kusekusha. Lezi zindaba zisazophila isikhathi eside kimi,” etshela i-Scrolla.Africa.
“Ukuqeqeshwa engikuthole ngesikhathi ngilungiselela lo mjaho kukhombisile ukuthi ngisesimweni esihle kakhulu. Emqondweni wami ngiye emjahweni ukuze ngiwine hhayi ukwephula irekhodi. Indlela impilo yami eshintshe ngayo ngesikhathi esifushane ingenza ngibonge uNkulunkulu nakakhulu.”
Ngokuwina lo mjaho, uDijana (34) uwine u-R150 000 kanye no-R100 000 owengeziwe ngokwephula irekhodi.
Uthe uhlela ukutshala imali ukuze abe nekusasa elingcono.
“Ngisezinhlelweni zokuqeda umuzi wami manje futhi ngisanda kuthenga imoto. Ngakho le mali ngizoyitshala. Ezemidlalo umsebenzi omfushane ngakho kumele ngihlakaniphe ngendlela engisebenzisa ngayo imali yami,” esho.
Uhlele ukuphumula aze agijime ngoNhlangulana ukuze avikele isicoco sakhe se-Comrades Marathon.
“Angeke ngigijime kuyoze kube uNhlangulana. Umjaho olandelayo kimina i-Comrades Marathon engizimisele ngokuyiwina okwesibili. Akumele ngincintisane kakhulu manje,” kuchaza uDijana.
UDijana uqeqeshwa umakadebona uDave Adams ophinde aqeqeshe owake wawina i-Comrades u-Edward Mothibi.
Esithombeni esingenhla: UTete Morena Dijana
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe