UDijana uwine owe-Comrades Marathon

Thate Msimango

Bangaphezu kuka-15,000 abasubathi ababambe iqhaza kwi-Comrades Marathon eyingqophamlando njengoba ibibuya ngeSonto, kodwa kube unogada oneminyaka engu-34 ubudala uTete Morena Dijana ophume phambili.

UDijana ugijime umjaho wamakhilomitha angu-90 ngesikhathi esingu-05:30:38 kwathi umpetha u-Edward Mothibi waphuma isibili ngesikhathi esingu-5:33:46.

UDan Moselakwe uphume endaweni yesithathu abasubathi bakuleli baphume phambili.

UDijana oyilungu leqembu ugijima kwi-Nedbank futhi ubesanda kugijima i-Comrades Marathon okwesibili ngemuva kokuphuma endaweni yesi-50 ngo-2019.

Ekhuluma esithangamini sabezindaba ngemuva komjaho uDijana uthe umuzwa wokuba ngumpetha awukakangeni.

“Ngizizwa ngijabule ngokuba ngumpetha futhi angikholwa ukuthi imina enginqobe i-Comrades Marathon. Angikholwanga ukuthi ngifike entanjeni.

“Noma yini ebiyenzeka endleleni bekufanele ngicophelele,” kusho uDijana obejabule oyisikhulu sezokuphepha eNyuvesi yase-North-West.

UDijana ugijime ingxenye enkulu yomjaho nozakwabo aziqeqesha nabo uMothibi ngaphambi kokuhola ngaphansi kuka-15km waqeda.

“Ekhempini ngike ngimtshele ukuthi uma singagijima ndawonye iqhinga lizosisebenzela kahle, ngeke ngiwushiye umsebenzi ngizozama ukulinganisa umsebenzi ngiqhubeke nokugijima. Kuzomele ngithole umeluleki wokuthi ngingayisebenzisa kanjani imali yami,” kusho uDijana owine u-R260,000 ngokunqoba kwakhe.

Kwabesifazane u-Alexandra Morozova wase-Russia unqobe ngesikhathi esingu-6:17:48 uDominika Stelmach no-Adele Broodrky bathole inombolo yesibili neyesithathu.

UMorozova ufake abagqugquzeli bomjaho eNkantolo ngoLwesihlanu ngesikhathi bezama ukumvimba ukuthi angagijimi.

Ekhuluma ngomhumushi, uMorozova uzwakalise ukujabula ngokugcina ewunqobile umjaho.

“Ngijabule ngokunqoba i-Comrades Marathon bekuhlezi kuyiphupho kimi.”

Umthombo wesithombe: @dbntourism

Izihloko zakamuva