Arthur Greene
Lowo owayeyiphoyisa, uDerek Chauvin utholakale enecala. Utholakale enecala lokubulala ngenhloso, icala lokubulala umuntu ngenhloso ngokucabangeli impilo, kanye necala lokubulala umuntu budedengu.
Ngomzuzu oyingqophamlando ngoLwesibili ntambama, ijaji liphethe ngokuthi iphoyisa elimhlophe labulala uGeorge Floyd ngokumhlasela.
Kuqhume enkulu injabulo ngaphandle kwenkantolo lapho ebekuhlangene khona isixuku sabantu abangamakhulu amaningana ngesikhathi kukhishwa isigwebo.
Bebejabula bethi “Onke amacala abalulekile” nokuthi “Ukunqoba okukabani? Ukunqoba okwethu! ” injabulo ibigcwele hhayi ngaphandle kwenkantolo kuphela, kepha nasemgwaqeni okwabulawa kuwo uFloyd, kanye nezinye izindawo eziningi ezweni lapho izixuku bezibuthene khona.
Umfowabo kaFloyd, uPhilonise obekhona ngesikhathi kukhishwa lesi sinqumo, uthe ngemuva kwalokhu, “Bengithandazela nje ukuthi bamthole enecala. Njengomuntu wase-Afrika naseMelika, ngokuvamile asibutholi ubulungiswa.”
Mhla zingama-25 kuNhlaba kowe-2020, uFloyd, ongowesilisa omnyama oneminyaka engama-46 wabulawa ngemuva kokuthi uChauvin iphoyisa elimhlophe limcindezela entanyeni ngedolo isikhathi esingaphezu kwemizuzu eyisishiyagalolunye, evimbela uFloyd ukuba aphefumule. Ukubulawa kukaFloyd kudale imibhikisho eminingi emhlabeni wonke elwa nokungabi nabulungisa ngokobuhlanga.
UFloyd waboshelwa ukusebenzisa imali engekho emthethweni ukuthenga iphakethe likagwayi.
UMengameli uJoe Biden kanye nePhini likaMengameli uKamela Harris bashayele ucingo umndeni kaFloyd ngemuva kwesinqumo. UBiden ubatshele ukuthi, “Akukho okuzokwenza konke ukuthi kube ngcono, kodwa okungenani manje ubulungiswa nibutholile.”
Esitatimendeni esikhonjiswe kuthelevishini ngoLwesibili ebusuku, uBiden uthe: “Asikwazi ukushiya lo mzuzu noma sibheke eceleni sicabanga ukuthi umsebenzi wethu usuphelile. Kufanele siyibheke njengoba senza ngaleyomizuzu eyisishiyagalolunye namasekhondi angama-29 sibuka ividiyo.”
Kodwa-ke, umuzwa wobulungiswa ozwakale kwabaningi ezweni lonke, nasemhlabeni wonke uphoxwe ngamaphoyisa adubule abulala intombazane emnyama eneminyaka eyi-15 ubudala ebingaphethe ngisho nesikhali e-Ohio ngemuva kwemizuzu engama-20 kuphela ngaphambi kwesinqumo sikaChauvin.
UChauvin kungenzeka agwetshwe ezinyangeni ezimbili ezizayo, kanti futh njengoba eneminyaka engama-45 usazohlala amashumi eminyaka ejele. Kulindeleke ukuthi afake isicelo sokuphikisa lesi sinqumo.