Kamogelo Olaitan
Owayengumphathi woPhiko lwezobuNhloli emaphoyiseni i-Crime Intelligence owalahlwa icala uRichard Mdluli udedelwe ngoshwele ngoLwesibili.
UMdluli ubedonsa isigwebo seminyaka emihlanu ngecala lokuthumba nokuhlukumeza ecaleni elenzeka ngo-1998. UMdluli nephoyisa uMthembeni Mthunzi, bathumba bashaya owayeyisithandwa sakhe uTshidi Buthelezi, umyeni kaTshidi u-Oupa Ramogibe nomngani u-Alice Manana.
Okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, uMnu Singabakho Nxumalo uthe uMdluli ubefanele ukukhishwa ngoshwele ngoNhlaba kodwa lokhu kuye kwahlehliswa ngenxa yecala eliqhubekayo enkantolo.
Ngesikhathi edonsa isigwebo uMdluli wafaka isicelo sebheyili eNkantolo eNkulu yaseGoli ePitoli.
UMdluli kanye nalowo owayeyimenenja yezokuthengwa kwempahla uHeine Barnard kanye nalowo owayeyisikhulu esiphezulu kwezezimali uSolomon Lazarus bangabasolwa ecaleni lenkohlakalo, ukukhwabanisa nokweba elihlobene nokuphangwa kwesikhwama semali samaphoyisa phakathi kuka-2008 no-2012 ngesikhathi laba bobathathu besasebenza kwi-Crime Intelligence.
Ngaphambi kokugwetshwa kwakhe ngoMandulo ngo-2020, uMdluli wayengaphandle ngesexwayiso ecaleni lesikhwama se-slush fund, kodwa-ke inkantolo yakuhoxisa lokhu ngemuva kokuthi wayengaveli phambi kwenkantolo amahlandla amaningi.
Esitatimendeni uNxumalo uthe uMdluli wanikezwa ibheyili ka-R10 000 kuleli cala.
“Lesi sinqumo sithathwe iBhodi le-Correctional Supervision and Parole, eselicubungule iphrofayili kaMdluli nezinye izinto ezilethwe ngenhloso yokumnika ushwele,” kusho uNxumalo.
“UMnu Mdluli uzoqedela isigwebo esisele ohlelweni lokuqondisa izigwegwe emphakathini, lapho okulindeleke ukuthi ahambisane nemibandela ethile futhi agadwe ngeso lokhozi kuze kuphele isigwebo sakhe.”
Umthombo wesithombe: @DailyMaverick