Udedelwe ngebheyili umbhishobhi osolwa ngokudlwengula

Lubhalwe nguNdivhuwo Mukwevho

Umbhishobhi uDkt Roxley Masevhe obhekene namacala angu-11 okudlwengula unikezwe ibheyili ka-R20 000 iNkantolo yeMantshi yase-Thohoyandou e-Limpopo ngoLwesine.

UMasevhe usolwa ngokudlwengula indodakazi yakhe angayizali (17) izikhawu ezingu-11 ezahlukene nyakenye. 

Isisulu esincane sivulele umbhishobhi icala esiteshini samaphoyisa e-Thohoyandou ekuqaleni konyaka.

UMasevhe uboshwe mhla siyisishiyagalombili kuMasingana.

Kusolwa ukuthi uMasevhe onamakhosikazi amabili nezingane ezingu-12, ubethandana nomama wesisulu kanti bahlukana esikhathini esingangonyaka esedlule.

Ngaphandle kokuba umbhishobhi, uMasevhe ungumculi wowokholo odabuka elokishini laseShayandima ngaphandle kwase-Thohoyandou.

Kwesinye isigameko uMasevhe usolwa ngokudlwengula isisulu ngaphandle kwenkundla yezemidlalo i-Thohoyandou emini kabha.

Ibandla lakhe belikhona ngobuningi balo ngesikhathi kuqhubeka icala enkantolo, kodwa isisulu (17) besingekho ngesikhathi kukhishwa isinqumo sebheyili enkantolo ebigcwele phama.

Esicelweni sakhe sebheyili uMasevhe uveze ukuthi akayona ingozi emphakathini futhi nguyena owondla amakhosikazi akhe amabili nezingane ezingu-12. Uphinde wathi uyagula kanti impilo yakhe ibilokhu iba bucayi ngesikhathi eboshiwe.

Isinqumo sokunikeza uMasevhe ibheyili sihlangabezane nemibuzo yezinhlangano zomphakathi eziphikisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane e-Vhembe, ngaphansi kwegama, i-Thohoyandou Women Support Group.

“Aseneme ngesinqumo sokunikeza umsolwa ibheyili njengoba sinovalo lokuthi angase aphazamise uphenyo noma asabise isisulu nomndeni waso,” kusho uMuladzi Ramaano onguSihlalo wenhlangano. “Bekumele agcinwe esitokisini kuze kube kwenziwa lonke uphenyo.” usho kanje. 

URamaano uthe bakhathazekile nangokuthi imigomo nemibandela yebheyili enikwe uMasevhe ayizange ivezwe obala.

“Sibona kufanele ukuthi umphakathi wazi ukuthi imiphi imibandela mayelana nebheyili yakhe njengoba kuyicala elibucayi leli elifanele ukuphathwa ngobunono.”

Okhulumela i-National Prosecuting Authority e-Limpopo, uMashudu Malabi-Dzhangi uthe basacubungula isinqumo senkantolo. 

Esithombeni esingenhla: UDkt Roxley Masevhe.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva