UDe Ruyter usevele wahosha imfe ngaphambi kwesikhathi

Lubhalwe nguZukile Majova

U-Andre de Ruyter oyisikhulu esiphezulu kwa-Eskom okunguyena ohlenge le nkampani yakuleli ehlinzeka ngogesi ekutheni iguqe ngamadolo, usulile esikhundleni sakhe kuleli sonto.

UDe Ruyter bekumele ashiye kwa-Eskom ekupheleni kukaNdasa nonyaka. 

Kodwa engxoxweni abenayo yakamuva ne-eNews Channel, uDe Ruyter uveze  ukuthi inkulu inkohlakalo eqhubeka kule nkampani, nokuthi amaqabane kaTambo avivile ukugcwalisa amaphekethe wawo ngemali yenkampani. Uthe lokhu akuvezayo ikona okumenze washesha wahosha imfe.

U-Eskom umemezele ukuphuma kwakhe esitatimendeni ngoLwesithathu: “Ngemuva komhlangano webhodi oyisipesheli wangomhlaka-22 kuNhlolanja nonyaka, ibhodi noDe Ruyter bafinyelela esivumelwaneni sokuthi uzokhululwa esikhundleni sakhe ngokushesha.”

Selokhu afika, uDe Ruyter uhlonze  izehlakalo zokucekelwa phansi kwempahla njenge mbangela kagqamcishi ekhungethe izwe.

Udalule izigameko zokwebiwa kwamalahle, ukwebiwa kukadizili, ukungahanjiswa kahle kwezimpahla kanye nezinkontileka eziwubugebengu ezivunyelwe ukuba zibe khona.

Amalahle angekho ezingeni athunyelwa kwa-Eskom, ngokuvamile namatshe okuyimbangela yokucekeleka phansi kwama-generator, okuphoqe ukuthi angene ekulungisweni futhi adale ingozi yokucisha ugesi.

Amabhizinisi angathembekile anezinkontileka no-Eskom kanye nochungechunge lwenani olude ekulungiseni kanye nebhande labahlinzeki bempahla bonke baxebula umkhoma kwa-Eskom.

Engxoxweni okubonakala sengathi yamveza kabi uDe Ruyter uthe: “Ngazwakalisa ukukhathazeka kwami ​​kungqongqoshe mayelana nemizamo  ​ yokwehlisa ukusetshenziswa kwemali elinganiselwa ku-$8.5 billion yamadola aseMelika ku-Eskom esiyithole ku-COP26.

“Impendulo yathi kufanele ngehlise umoya ngivumele abanye abantu ukuthi badle kancane.”

Uthe uhulumeni akanandaba nokulungisa u-Eskom noma ukuxazulula inkinga kagesi ezweni.

“Kunencazelo encane kakhulu ngokuphikisana ne-Just Energy Transition.” Enye yezincazelo ukuthi lokhu kuzovalela izindlela zokuthi osopolitiki bathole abazokufaka emaphaketheni abo, wengeza ngokuthi ingakho kukuninga ukuphikisana.

Njengoba ebebhekwe njengo wesilisa ozimisele ukutshela izwe iqiniso langempela mayelana nenkinga yakwa-Eskom, uDe Ruyter kubukeka eveze okukhulu okufihliwe.

Yize i-ANC ithe inkinga yokucinywa kukagesi ingaxazululeka ezinyangeni eziyisithupha kuya kwezingu-12, uDe Ruyter ukuqinisekisile ngoMsombuluko ukuthi lobu kuzoba ubusika obunzima kakhulu.

Isithombe esingenhla: U-Andre de Ruyter

Umthombo wesithombe: @mrlungisa

Izihloko zakamuva