
Elmon Tshikhudo
Ngemuva kokungaboni ngaso linye kanye nokuhlehliswa kwemihlangano yokukhetha indlalifa efanele yesihlalo sobukhosi sama-Venda, ekugcineni umndeni wasebukhosini bama-Venda uye wahlangana wabeka ibamba leNkosi.
Emhlanganweni obungoLwesibili e-Dzanani, uVhaVenda Mavhungu David Mphephu, owaziwa ngelikaVho Japan, uqokwe ngazwi linye njenge bamba leSilo lesizwe sama-Venda.
Lokhu kusho ukuthi isihlalo sobukhosi sasala singenamuntu ngesikhathi ibamba leNkosi uToni Mphephu ekhishwa esihlalweni yiNkantolo yoMthethosisekelo ngoLwezi.
UVho Japan uzophatha isihlalo sobukhosi kuze kube kuphothulwa icala lesihlalo sobukhosi enkantolo.
Okhulumela umndeni wasebukhosini bama-Venda, uMnu Ntsieni Ramabulani, uthe umndeni uthathe isikhathi eside ukuthi ufinyelele esinqumweni ngalolu daba ukugwema ukwenza amaphutha.
“Ukuqokwa kwakhe kube ngazwi linye kungekho ophikisana negama emndenini,” kusho uRamabulani etshela i-Scrolla.Africa.
“Emndenini ungumuntu ofaneleka kakhulu uma kubhekwa iminyaka yakhe namava akhe ekubuseni kwendabuko.
“Sekunesikhathi ekhona futhi asingabazi ukuthi uzosihola kahle lesi sizwe nomndeni kuze kuphothulwe icala lasenkantolo,” kusho uRamabulani.
Ukuqokwa kwakhe kunconywe njengesinyathelo esifanele.
Ephawula ngemuva kokukhishwa kwesimemezelo uThovhele Luvhaivhai Tshivhase woBukhosi bakwa-Tshivhase ushayele umndeni ihlombe ngesinqumo osithathile.
“Ekugcineni kubonakala sengathi kuyavela ukukhanya. UMphephu ungumuntu ofanelekile futhi siyakholwa ukuthi lokhu kuzonika umndeni isikhathi esanele sokucabanga nokwenza okufanele ngokufaka indlalifa efanele esihlalweni sobukhosi,” kusho uTshivhase.
“Lesi yisikhundla sesikhashana futhi sikholwa wukuthi ngeke kuthathe isikhathi eside ukuthi umndeni ukhethe indlalifa efanele,” esho.
NgoLwezi ngo-2021, iNkantolo yoMthethosisekelo yakhulula ibamba leNkosi uToni Mphephu emsebenzini wakhe ngemuva kokuthi lowo owayephikisana naye uMasindi Mphephu ephonsele inselelo isinqumo seNkantolo eNkulu eyayimamukela njengeSilo esifanelekile sama-Venda.
UNkosazana Masindi waphikisa isinqumo ngokuthi umthetho wesintu ovuna amazibulo esilisa wephula ilungelo lakhe lokulingana.
INkantolo yoMthethosisekelo yaphuca uMphephu amandla akhe yase ithumela umndeni ukuba uhlale phansi unqume ukuthi ngubani okufanele athathe isihlalo sobukhosi.