Sizwe Sibiya
Mhlawumbe kube nezinkulumo ezimbi ezake zamukelwa kuma-Oscars, kepha inkulumo kaDaniel Kaluuya ku-Oscar ngendima yakhe ehlaba umxhwele kwifilimu yangowezi-2021 ethi ‘Judas and the Messiah’ ithatha indondo yegolide ngokuhlaza umndeni wakhe.
Ngemuva kokuwina i-Academy Award for Best Supporting Role ngeSonto, lo mlingisi oneminyaka engama-32 ubudala ohlala e-London ukhulume ngempilo yabazali bakhe yocansi. Lokho kushiye umama wakhe wase-Uganda uDamalie Namusoke, obeyingxenye yezethameli nodadewabo, bephelelwe ngamazwi.
Ngesikhathi ethola lo mklomelo ohlonishwayo, umlingisi naye ozoba yingxenye ye-Black Panther II wathi “Kufanele ugubhe impilo ndoda! Siyaphefumula, siyahamba, kuyamangalisa.” Lesi akusona isiqalo esibi.
Kepha wabe eqhubeka ethi “Umama wami, ubaba wami, benza ucansi. Kuyamangalisa!” engeza.
Unina ongakholwanga ukuthi ukhuluma ngaye ukhulume into ebukeka ngathi “ufuna ukuthini?” lapho ikhamera ikhombisa yena nodadewabo, obenikina ikhanda lakhe ezimboza nobuso ngezandla ngenxa yamahloni.
Ngaphambi kwenkulumo yakhe esabalalayo uDaniel ubesenqobe neminye imiklomelo emine ngendima efanayo okubalwa kuyo i-Golden Globe Award, i-BAFTA Award kanye ne-Critics’ Choice Movie Award – konke lokhu nge-Best Supporting Actor.