Sizwe Sibiya
Umrepha uDan Mwale ocula noSauceman Guluva ngoLwesihlanu bakhiphe i-EP enamaculo ayisikhombisa ebizwa ngokuthi i-No Skips ngaphansi kwenkampani yokuqopha umculo i-Floggnation Records.
Kusukela engomeni yokuqala enesihloko esithi “No Other Way” labaculi ababili bayasizwisa ukuthi icwecwe labo liqukethe ini, njengoba besikhiphele izingoma ezimnandi eziku-EP yemizuzu engu-20.
Laba baculi ababili abavela e-Soweto bakhombisa amakhono abo okucula njengoba beshintshele olimini lwesiZulu engomeni yesibili, enesihloko esithi “Vimba”, ngesikhathi besaqhubeka nephimbo elikhululekile lengoma yokuqala.
Engomeni yesithathu, esihloko sithi-“Shooter”, uDan kanye noSauceman bakhuphuka kakhulu nge-hip hop njengoba bezama ukuheha noma yibaphi abalandeli abangakabi ngaphansi kwethonya labo.
Laba baculi ababili bacula ngomfutho ukusuka engomeni yesithathu kuya kuzo zonke izingoma eziku-EP ngengoma ethi-“Keeping The One Eye Open” kanye nethi-“Eye Don’t Know”. Lezi zingoma ezimbili ziveza okungajwayelekile mayelana nokuqonda, ukuntuleka kolwazi ngokusebenzisa isingathekiso seso.
UKemet ongumculi ofakwe ku-EP, usiza uDan noSauceman ukuthi bacule “ingoma eshisa izikhotha” ekunombolo yesithupha. Ucula kahle ngaphandle kokuphakamela laba baculi ababili.
Kwi-albhamu yabo i-No Skips enekhava yobuciko be-dragon, uDan noSauceman bebelokhu bekhipha ama-albhamu abo ngaphansi kwe-Floggnation Records.
U-Dan, owavela ku-HYPE Magazine ngoZibandlela 2021 kanye noSauceman osanda kujoyina uDan, basebenzisana kahle kule phrojekthi abayingxenye yayo. Lokhu kungadala inkinga kumlaleli omusha, okungahle kube nzima kuye ukuhlukanisa amazwi abo ezingomeni eziningana.
Uma uthanda umculo kaFlvme noZooci Coke Dope, nakanjani uzoyithanda i-EP entsha kaDan noSauceman, etholakala kuzo zonke izinkundla ezidayisa umculo.
Umthombo wesithombe: Unikeziwe